Mhleli: Ngokukhulu ukuzithoba, ngivumele ngisike elijikayo ngenkosi yethu yaseBuhleni, uNyazilwezulu. Inkosi ishiye intaba engcwele iNhlangakazi, yayobusisa enye yayingcwelisa yayiqamba igama elithi, yiKhenani. Isikwenzile lokho, ngokuvuma kukaNkulunkulu kwathi nya kulabo abebesizakala ngokuxokozela bengayele ukuyokhonza.
Kunabantu abacabanga babuye nganeno ngathi singamalungu ebandla. Babone imfuyo yabo nje, bakhohlwe wukuthi singabantu abajulile kakhulu ngokwenkolo. Thina asifiki nobuNazaretha futhi asikhankasiwe ukuba sibe yibandla elingcwele ngaphansi kwesandla soNyazi. Konke esikwenzela uNyazilwezulu kuvela ezinhliziyweni zethu futhi ezingakaze zibe buthakathaka. Asikaze sizanyazanyiswe futhi asintunti. Esakuyela eBuhleni, ukuyokhonza kobabamkhulu bethu nemindeni yethu, sicaba nendlela eya ekhaya ngemuva kwethuna. Asiyelanga ukuyobuka iminikelo yezinsizi zabantu bese siconsa amathe, sicabangela amaphakethe ethu njengoba benza abanye ngesikhathi seNkosi uThingo. Ngeshwa kubukeka sengathi abaningi babo bayosithela othulini lomhlaba bengakaze bayithi mbibi ngoba okoNyazi kusemfihlakalweni, kwabayizimpumputhe.
Sihamba noNyazi futhi sihambela phezulu. Izinkantolo, amajaji nohulumeni omkhulu nowesifundazwe, ngeke basikhethele ukuthi siphathwe ngubani. UNkulunkulu wethu wuNyazi futhi akekho eBuhleni, ngenxa yevoti kodwa yikubo, kusemzini kayisemkhulu, iNyangayezulu. Thina silandela imisebenzi ngokuvuma kwezinhliziyo zethu. Yizo izinhliziyo zethu ezivume ukuba sithi singamaNazaretha aseBuhleni, sikhombise izwe ukuthi sikhona futhi seseka uNyazi.
Laba abazitshela ukuthi singaphathwa yibona, mabakhohlwe! Ngeke siphathwe ngabantu abangenabo ubunkulunkulu. Abantu abangayele ukuyokhonza kodwa abafuna ukuyogcwalisa amaphakethe nezisu zabo. Laba bantu babuthaka empilweni, baphaphathekile nasesikhumbeni, nemizimba intekentekana. Kusobala nendlala ikhona.
Alukho usizi oNyazini ngokukamoya futhi nendlala iqhelile nje impela. Ngomthandazo othi, Bhombela, Langa lamalanga, Nyangayezulu, Thingo lweNkosazane, Nyazilwezulu, siyakuthola esikudingayo. Sekubona kuyisibusiso nokunganikezwa ithuba emsakazweni Ukhozi FM ngoba uShembe uNyazi, uzikhulumela kumuntu uma emthanda. Namaphephandaba abhalwa ngolimi lwesiZulu, sekuyiminyaka eminingi ebhala kabi ngezindaba ezithinta uNyazi, namaNazaretha aseBuhleni. Konke lokho akunamthelela ngoba uNyazi siluzwa ngaphakathi.
Kafushane nje, siyaluphila ngoba liwukuphila kithina nemindeni yethu ephilayo nesothulini lomhlaba. Usizi asinalo. Seneme kakhulu futhi sinothando sinjalo nje. Asikuhaleli oyikhona wena ongekho phakathi kwethu ngoba esiyikhona kuphelele. Bamba lapho okhona, ukhohlwe yithina. Nathi asidingi ukwazi ngawe ukuthi ukuphi, wenzani? Naphuma eBuhleni, emini kwabha. Nathi sajabula ngoba kwaphuma elinobomvu ngokuhamba kwenu, kwazise nanino phehlu olukhulu ebandleni, ningenakho ukuthula.
Nanihlale nibamba imihlangano ebusuku, nakha uzungu ngesihlalo. Namuhla nibamba niyeka ngoba niconsela thina amathe!! Khohlwani!
UNyazilwezulu kuze kube sekugcineni!
Mandla Mthiyane
KWASOKHULU