UMSAMO: INGONO NENKABA
Isizukulwane okufanele sihole isizwe ngobudoda nangokubuyisa okwalahlekayo ngabantu besilisa amadoda. Emandulo sizokhumbula ukuthi ibona ababephuma beyozingela ezintabeni babuye nezinyamazane, kudliwe ekhaya kulinywe emasimini abesifazane baqhamuke ngoba sebezohlakula. Kuthi noma esezoganwa umfana abike kuyise kuqala bese eganwa ngozokuba ngumfazi ozovusa ikhaya likayise, umuntu wesifazane ozofika lapha ekhaya abe ngumama wabo bonke. Kube semahlombe akhe ukulungisa lokho akufice konakele kuleli khaya ngaphandle kokuncelisa amawele. Ubaba wayemlobolela umfana wakhe bebambisene aze ayoqeda maqedane agcagce umakoti kumanxa eyongena ekhaya. Kwakungekho ngane eyayitholelwa ngaphandle kumbe engakagcagci umalokazana ngoba kwakuthathwa njengehlazo ukutholela ingane ekhaya. Umalokazana wayengena emagcekeni asemzini ngoba esekhishwe ngiyuse ngomncamo esibayeni sakubo waphelezelwa nangenkomo yodondolo, bese efika emzini engeniswa ngenkomo yakhona. Kulapho ayeqala khona ngqa ukuba angene emabaleni asemzini.
Sekuyokuthi uma undodana lowo esebabela ukuphuma umuzi useyobikwa futhi nguyise oyindoda lapha ekhaya nombheki wesibaya nomsamo, kube nguyena oyomphendulela isoyi lapho esebekwa inxiwa. Kwakungenzeki lokhu esesikubona sekubhebhetheke izwe lonke lapho umuntu wesilisa uma eke wakhipha okuncane sekuyazaliswana sekuba nezingane, ngelikhulu ijubane ingane izalwe isibizwa ngesibongo sikayise, ngokuthi kuthiwe isihlawuliwe sekuphelile njalo, uyise nonina sebenemvume yokuthi bayohlala ndawonye. Sikhule thina besilisa kungubunuku ukuyohlala nomuntu wesifazane ningakathathani okwaze kwaveza igama elithi : ukukipita.
Akasekho namhlanje umuntu wesifazane ongasenangane. Akasekho namhlanje umuntu wesilisa ongasakipitile, sekufana nemfashini uma ungakipitile, awazi lutho. Kuthi noma sekwenzeka lokho kukipita, kube sekukhona izingane ngambili ngantathu, lapho-ke akasayophinde owesilisa ayogcwalisela ubudoda bakhe ngokuyoqedela ilobolo. Sekuyohlalwa kanjalo-ke nezingane zikhule, lezi zingane zingena esikoleni kugcine kanjalo. Kungakho-ke namhlanje sesingenamadoda kumbe abafana abakhula sithi bangamadoda, nemizi efa imihla namalanga. Okubulele isizwe kakhulu ukulahleka kwesintu nesiko lokuthi umfana uma ekhula ekhaya uyini, nentomabzane uma izelwe isikhuliswa kufanele kube yini umsebenzi wayo nekusasa layo empilweni . Kuthi noma umfana oqotho nokhuliswe kahle nguyise ngokuba indoda eqotho kodwa uma eke waba neshwa lokuhlangana nowesifazane ophuma ekhaya elingenamule namlotha, uyofika emzini abonde yonke into abe ngungqo shishilizi, afune kulalelwe owakhe umthetho. Namhlanje ukuganwa akusekhona ukulanda umuntu wesifazane ozophemba iziko lasekhaya lihlale livutha kodwa sekungukulanda umhlakazi ozowona wonke umuzi. Uyothi efike izingane zomfazi kade zihlangane ziphila kahle afike akuhlakaze konke lokho. Konke lokhu singakuthatha ngokungakhuliseki kahle kwengane okufanele kwenziwe nguyise nonina. Uyise akabanga indoda enganeni yakhe yentombazane kanjalo nomama akabanga ngumfazi oqotho endodakazini yakhe.
Kunemizi eminingi namhlanje lapho uthola kukipitiwe akucatshwangwa lutho ngalelo hlazo lokuhlalisana ndawonye kungakhokhwangwa lutho kumbe okungukugcina isiko nesintu. Izingane eziningi namhlanje ezikoleni zinezinkinga, sinabantwana abahlala emigwaqweni ngenxa yokulahleka kobudoda kubantu besilisa ngokuthi benze izinto ezifanele ezingamasiko esintu. Sekulula namhlanje ukuthi umuntu wesilisa ethi eyibona ingane yakhe ihlupheka inesifo sokuwa iquleka ibe lihlazo nenhlekisa kwezinye izingane esikoleni kuthi uma kuthiwa, akayilungisele kodwa anqabe aphethe. Esingakusho kukho konke lokhu ukuthi silahlekelwe ngunemnbeza wobudoda nobubaba ngokungakwazi ukukhulisa izingane zethu zabafana ukuze zibe ngobaba bakusasa. Sekulula namhlanje ukuthi umuntu wesilisa athi angahlawula usegijima ingane useyinikeza isibongo sakhe, uma kutholakala ukuthi inkinga yengane yakhe isibongo anqabe aphethe ukukulungisa lokho.
Isizwe esimnyama namhlanje sihlupheka nje, abantu besilisa abangamadoda, ngokwenza izinto ezingebudoda ezinganeni abazizele. Okunye abesifazane kuthi uma begana baganele ukufeza izinhloso zabo ezingahlangene nokuvusa umuzi wasemzini wamakhehla amlandile ukuba azokhulisa ukuvutha kweziko, azale akhulise izingane eziyoba ngamadoda ngelinye ilanga ayohola isizwe sonkana. Ngenyanga yamadoda kumele ngabe siyazibuza ukuthi kuyini ukuba indoda, kuyini ukuba ngumuntu wesilisa, okuyimpande eyokwedlula zonke izimpande ezikhona ongazicabanga. Singakakwenzi lokhu asiyophinde sibe namadoda ayohola isizwe ngeqiniso nomalokazana abayoba ngabafazi beqiniso. Ukukipita ikhona okubulale izwe kwaqeda ngendoda nomfazi.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo saseMlambomunye: Umsamo Wisdom.
Gauteng Office; 010 007 5294/5
KZN Office: 087 11 00 555
Esigodlweni Office: 033 342 3945.