MHLELI: Ngidunyazwe yinkulumo kanobhala wenhlangano ebusayoKwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, lapho ethe ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa bukhuluma iqiniso futhi buthembakele.
Mhlawumbe kuzomele siyibukisise eyobuholi bukaRamaphosa nezwe lethu, ke sibheke ukuthi ngaphansi kobuholi bakhe kukhona yini akuthinte kwalunga ngaphandle kokubayihlaya kubantu.
Iqiniso kumele silikhulume ukuthi asisenabo ubuholi esifundazweni futhi sizozisola ngokukhetha abaholi abathanda ukuba ngonontandakubukwa nanokuqamba amanga.
Sizomkhumbula uMtolo ethi bangenele ukuzobumba i-ANC KZN nokuzoletha ingqalasizinda kubantu kodwa lokho abakakwenzi nhlobo, kunalokho bajabulela ukuzoqanjelwa amanga nguMengameli we-ANC.
Ngabe bona oMtolo bahlalakuliphi izwe lapho bengabuboni ububha nokusweleka kwamathuba emisebenzi? Ngabe bayaluqonda usizi lomuntu omnyama ohluphekileyo nongasebenzi othembele kugesi ukuthi uzomsiza ekutheni avuke ayozisebenza? Uma ngase sibe nabaholi abanjengoMtolo, ababuka ngamehlo besondeze, kanti ngabe bacabangela ingomuso. Ngifisa abaholi bethu baqonde inhlupheko yomuntu omnyama wakithi ngoba ububha buhlasele ngenxa yokuxega kwekhanda.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU