Umbhali: ngu-Euphodia 'Liza' Tsatsi
Abashicileli: Reach Publishers
Umhlaziyi: Mpume Nzimande
IMPUMELELO isho lukhulu ebantwini abehlukene futhi wonke umuntu uyafuna ukuphokophela phambili empilweni.
Ukuphumelela kudinga ukuthi uzikhandle futhi ungesabi ukuphoxeka ezinhlelweni zakho ofuna ziphumelele.
Umbhali wencwadi ethi Never Give Up on Success, u-Euphodia “Liza” Tsatsi weluleka ngokuthi kumele kube nezigaba ezehlukene okumele uzilandele ukuze uphumelele kulokho osuke ukuhlosile.
Ubalula ukuthi ukuzihlelela kuyakusiza ekutheni uqondisise ukuthi yini oyifunayo, uzoyithola kanjani nokuthi yini okudingeka ube nayo ukuze uphumelele. Njengokuthi uma ufuna ukuba ngummeli kumele ufunde enyuvesi, uyikhokhele futhi uzimisele ngokufunda kanzima ngisho abanye bengcebeleka kepha wena uhlale ezincwadini zakho.
U-Euphodia uxwayisa ngokuthi akumele uvumele ukwesaba, nokungabaza kukuthikameze ezinhlelweni zakho.
Ngokusho kombhali kusemqoka ukuthi ungabanaki abantu abakuqeda umdlandla futhi abakubiza ngamagama aziswana. Uthi impumelelo idinga ukuthi usebenze ngokucophelela futhi ufunde ukwamukela ukuphoxeka kepha ukusebenzisele ukuthi ufunde kukhona, uvuke uzithathe.
Ulandisa ngabantu abaningi abaziwayo abaphumelela kunzima ngenxa yokuthi babezimisele ngokufeza izinjongo zabo. Ubala utata uNelson Mandela, Tyler Perry, Richard Branson, 50 cents, uMadonna nabanye uthi abazange baphumelele kalula kepha abaliphonsanga ithawula. Ingqikithi ithi impumelelo iyasetshenzelwa.