UNQUME ukulaxaza isikole waduba nezivivinyo washintsha nendawo yokuhlala umfundi kaGrade 7 waseSawoti eXobho, okuthiwa wadlwengulwa umsolwa owaziwayo ovele wadedelwa, kwathiwa akukho okumyamanisa necala.
Umgilwa (13) okuvela ukuthi ubeyintombi ehlolwayo, kuthiwa wehlelwa yisigameko ngo-Okthoba 14, ebuya kotheza.
Elandisa ngesigameko unina kamgilwa, uthe kuthathe isikhathi ukuthi ezwe ngokwenzekile ngoba kube nzima ukuthi indodakazi yakhe isheshe ibabikele.
Uthe uqale ukubona ushintsho kuyona ekupheleni kuka-Okthoba.
"Njalo uma ngifika ngiphuma emsebenzini, bengifika ezivalele ekameleni. Uma ngimbheka, ngimbone ukuthi amehlo abomvu, kade ekhala," kusho unina kamgilwa.
Uthe bekusobala ukuthi kukhona okungahambi kahle kodwa kuthi uma embuza ukuthi kwenzenjani, athi konke kuhamba kahle.
Uthe wavele wamqhuba, wamyisa kunomehlo, owafike waveza ukuthi konakele.
"Ngangithi uma ngimbuza ukuthi woniwe ubani, avele asikhihle isililo. Wavele wacela uyise ukuthi kube wuye ongenelayo. Wavele wamgagula ngegama kuyise umsolwa, esho nokuthi wambamba esechezuke ngendlela eza ekhaya, esehamba yedwa," kusho unina kamgilwa.
Uthe wamtshela ukuthi umsolwa wamqhamukela ngemuva, wamphusha nenyanda ayeyithwele, wawa nayo.
"Wathi wamfaka isidwedwe emlonyeni, wase emdlwengula. Kwathi eseqedile, wakhipha ummese, wawubeka kuye entanyeni ethi uma eke washo, uzomnquma kanye nomndeni wakhe," kusho unina kamgilwa, othe uyaqonda ukuthi kungani indodakazi yakhe yakhetha ukungabiki ngesigameko.
Uthe icala baze balivula ngoNovemba, umsolwa bayomkhomba ngoNovemba 20, waboshwa kodwa ngakusasa wadedelwa, amaphoyisa ethi abukho ubufakazi obumyamanisa necala.
"Siphoqeleke ukuthi sisuke ekhaya, sibona singaphephile ngoba wasabisa ngokusibulala. Siyakholwa ukuthi angakwenza ngempela njengoba wake wadonsa isigwebo ngokubulala umuntu endaweni, aphinde abe yisigebengu esaziwayo," kusho unina kamgilwa.
Uthe lokhu kuholele ekutheni umgilwa ayeke isikole yize bese eqalile ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka.
"Ngibona sengathi abaseshi bangidayisa kumsolwa ngoba ngesikhathi eboshwa, saya komkhomba, uboshwa nje nathi sikhona. Ekugcineni sebeyamdedela. Abusafiki ubuthongo kithina ngoba asazi ukuthi uzosenzani," kusho unina kamgilwa.
Uthe kubuhlungu ukubona ingane yakhe iyeka isikole ngenxa yokuzizwa ingaphephile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe uphiko lwamaphoyisa iKokstad Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit (FCS), lubophe umsolwa oneminyaka engu-33 ecaleni lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-13 ngo-Okthoba 14, eSawoti.
"Umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseXobho ngoNovemba 22. Imibiko iveza ukuthi umgilwa wayebuya ukuyotheza izinkuni ngesikhathi edlwengulwa umsolwa," kusho uNetshiunda.