I-DA ifuna iphenywe yizinhlaka zokuphepha okukhona kuzo izinhloli kanye noKlebe, eyabantu abavala amanzi ngamabomu eThekwini ngoba nakhu befuna ukunikezwa umsebenzi wokuhlinzeka abantu ngamanzi.
Leli qembu selibhalele imenenja yomkhandlu, uMnuz Musa Mbhele, licela ukuba kube nophenyo olunzulu ngalo mkhuba obukeka wanda kuleli dolobha wokuvalela abantu amanzi ngamabomu.
Sekuyinsakavukela ukuhamba kwamanzi ezindaweni ezahlukene ezingaphansi kukaMasipala waseThekwini.
Kwezinye izindawo abantu abasawazi amanzi ompompi, sebephila ngokuwathola ezimotweni.
Ohola i-DA kuMasipala waseThekwini, uMnuz Thabani Mthethwa, uthe sekucacile ukuthi kunesandla semfene kulokhu kuhamba kwamanzi ezindaweni eziningi.
"Ubufakazi kanye nemibiko esiyitholayo wukuthi lena yokuhlupha kwamanzi eThekwini, ayidalwa nje yinkinga yokunganakekelwa kwengqalasizinda kanye nokuqhuma kwamapayipi. Inkinga enkulu esibhekene nayo lana eyabantu abahamba beyovala amanzi ngamabomu. La bantu banamaloli amanzi, bayahlomula uma amanzi engekho."
Uthe:"Lezi zigebengu zifike zona zicekele phansi ingqalasizinda yamanzi, zenze kubukeke sengathi kunenkinga yamanzi. Umasipala ugcina uphoqeleka ukuthi uqashe amaloli azohambisela abantu amanzi. Amaloli aqashwayo awabo kanye la bantu abavala amanzi."
UMthethwa uthe bafuna ukuba kube nophenyo olunzulu ngalolu daba.
"Lo mkhuba uphazamisa umnotho waseThekwini. Sifuna uphenyo oluzohlanganisa amaphoyisa, izinhloli, oKlebe, iSpecial Investigating Unit kanye nezinye izinhlaka ezithintekayo. Abantu baseThekwini bafuna izimpendulo. Ngaphezu kwezimpendulo abantu baseThekwini bafuna ukuthola amanzi ahlanzekile. Ngeke siphumule kuze kube sibaphenya izinqa laba abenza lo mkhuba omubi kangaka."
Ngeledlule kwavinjwa abasebenzi bakaMasipala waseThekwini ababeyovula amanzi esiphehlini esiseChatsworth.
Le simo sashiya abantu basezindaweni eziphakelwa yile siphehli bengenawo amanzi njengoba abasebenzi bomkhandlu baze babuya ngakusasa.
Ngokusho komkhandlu abasebenzi bavinjwa amalungu omphakathi ayengajabule ngohlelo lokuncishiswa kwamanzi kodwa kunezinsolo zokuthi abasebenzi bavinjwa yibo kanye la bantu abavalela abantu amanzi.