ISIHLOKO SENCWADI: Heal our world: securing a sustainable future
UMBHALI:Tshilidzi Marwala
ABASHICILELI: Tracey McDonald Publishers
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
ITHOLAKALA: ezitolo nakwezobuchwepheshe
@txm1971
UKUPHATHWA kwamazwe budedengu kudala izinkinga empilweni yabantu. Lokho kwenzeka emazweni ahlukene okubalwa nezikhondlakhondla eziphethe umnotho womhlaba.
Yingakho kubalulekile ukuthi izincithabuchopho zingathuli uma kukhona okushaya amanzi, abaholi sebekhohliwe ukunakekela abahlwempu, abangafundile nabangasebenzi.
USolwazi Tshilidzi Marwala, ukhalima ohulumeni bamazwe futhi ubakhumbuza ngezibopho abazenza ngo-2015, ngesikhathi bevumelana ngezinhlosongqangi zokuthuthukisa impilo yabantu, nokuyilapho abazibophezela ekutheni bazozifeza ngo-2030. Uthi ukuhlasela kokhuvethe emhlabeni kubembule izinqe abaholi bamazwe. Kucace bha, ukuthi kabahlelekile futhi kabazi ukuthi kumele bathatheni bayihlanganise nani. Uphakamisa amasu angasiza ohulumeni basebenzise ezobuchwepheshe (artificial intelligence), ukunakekela izimfuno zabantu.
Encwadini yakhe, Heal our world: securing sustainable future, usolwazi udingida ngezinhlosongqangi zokuthuthukisa abantu eziwu-17, okuhloswe ukuthi zifezeke ngo-2030 (sustainable development goals).
Weluleka ngokuqedwa kwendlala, ukuphucula impilo, ukuthuthukisa izinga lemfundo, ukuqinisekisa ukuthi ezobulili ziyalungiswa, ukuhlinzeka bantu ngamanzi ahlanzekile nokukhuculula indle ngendlela efanele, ukuthuthukisa umnotho nokuqinisa amaxhama ezomthetho ukuze kube nobulungiswa ezweni, nokuthuthukiswa kwezobuchwepheshe.
Ugxeka omasipala abaqasha abantu abangenawo amakhono afanele ukwenza umsebenzi, njengoba kunezinkinga zamanzi ezweni.
Okuhlalukayo wukuthi ohulumeni bagcina ngokukhuluma kepha bangezi lutho. Ziphelela ezeni, izinhloso ezinhle neziwumhlahlandlela wokuthuthukisa abantu ukuze baphile kangcono. Lokhu kuholele ekutheni kuvukelane imibuso, kwenyuke izinga lobubha kuphele imisebenzi ngoba akekho ongatshala imali ezweni elinganakekelwa ngendlela efanele.
Umbuzo uthi, kungani sethemba abaholi ukuthi bafeze izibopho abazenza ngo-2015, ekubeni behluleka ukuhlinzeka imiphakathi entulayo ngezidingo zansuku zonke, njengamanzi, imithi yabagulayo nemisebenzi?
Akalona ivukana kwezemfundo usolwazi, uyiPhini leShansela eNyuvesi iJohannesburg, kanti kusukela ngoMashi, uzoba nguRector weNyuvesi i-United Nations, ezinze eTokyo.