MHLELI: Sekuvumbuke umsindo ngolomklomelo ka-2022/2023, womdlali ovelele kwiPSL (Footballer of the Season) ohlwithwe nguTebogo Mokoena weMamelodi Sundowns.
Empeleni lo msindo ususwe ukuthi bekumele kunikwe uMonnapule Saleng umklomelo kodwa wawela ezandleni okungezona ngenxa yenzondo yamajaji.
Iqiniso lithi amajaji akhombise inzondo enkulu ngoba uma ngabe ubheka noma ulalela imibono abaqeqeshi okuyibo abavotayo, bavotele uSaleng ngokulandela imiqathango yokumele awine. Le miqathango ithi kumele kube wumdlali ogijime imidlalo eminingi kwiDStv Premiership, wabe esebamba iqhaza emincintiswaneni yePSL.
Lokhu kusibeka obala ukuthi uMkhuthuzi (Saleng) ukwenzile lokho ngoba uhlwithe indebe yeMTN 8, eyeNedbank, wabe esebeka iqembu lakhe endaweni yesibili kwi-log, ngaleyo ndlela yaphumelela iBucs ukuba ingene kwiCaf Champions League.
Kungani amajaji ekhethe uTebogo Mokoena kunoSaleng na? Sonke sesiyabona ukuthi umkhonyovu wamajaji awukho kuphela ezindaweni eziholwa wuhulumeni kodwa usabalele kulo lonke izwe.
Phela besikhala ngesinqumo samajaji phambilini emikhakheni kahulumeni ukuthi achemile. Kodwa lokhu kuyizinkomba zokuthi kumele kukhucululwe ukungcola kuzozonke izinhlaka eziphethwe ezweni.
Empeleni, kungikhalise impela okwenziwe ngamajaji kumdlali onjengoSaleng ngokuthi amzibe ngemisebenzi yakhe emihle. Kodwa Izwe lethu libonile ukuthi amajaji zinhlangothi zonke achemile.
Empeleni kuyasinyelisa singabathandi bebhola abangalali becubungula unobhutshuzwayo bese kuqhamuka uvucu oluzojaja lungakaze lulibuke ibhola. Ngifisa angapheli amandla uMonnapule Saleng, angawanaki amajaji anomgolo.
Khabzela KB Mzimela EZWELIBOMVU