ZIHAMBA kahle izinhlelo zendumezulu yombukiso wezincwadi njengoba abahleli be-Independent Media KwaZulu-Natal, engabaxhasi bezindaba bomshikashika wefestiveli yezokucikoza, behlelela i-2023 Durban International Book Fair, ezoba ngo-Agasti, ehhotela iTsogo Sun, eliseSuncoast Globe.
Ngokusho kuka-Anivesh Singh, omunye wabasunguli beDurban International Book Fair, okuthe ngo-2021 wahlonishwa ngendondo, iBarry Wood Award for Booksellers of Mzansi, bahlose ukwenza kangcono ngonyaka ozayo futhi bazokwakhela empumelelweni yombukiso ka-2022. Uthe impumelelo yanonyaka ebiqhutshwa ngaphansi kwendikimba ethi, Incwadi nokunye okungale #DIBF2023 The Book and Beyond, yiyona ezoba wumgogodla wombukiso wezincwadi ngonyaka ozayo.
indikimba yango-2023, ihlose ukugqabula amaketango kwezokucikoza, ukuvumbulula ugqozi lwababhali, nokuqhakambisa amagalelo ezingqalabutho zababhali bezincwadi ngokuzikhandla kwabo ekuqinisekiseni ukuthi "akushabalali ukubhala" ngesikhathi kuhlasela ubhubhane, iCovid-19 emhlabeni.
“Sifuna ukugxila ezintweni ezivumbululwa yimibhalo yezincwadi, njengomculo nokudansa nakho konke okuphathelene nezobuciko, hhayi nje incwadi. Ngakho sizokwethula izincwadi bese senza imikhankaso ehambisana nokubhalwa kwezincwadi. Kepha ngeke sibheke izincwadi zodwa nje, sihlela izigcawu zokucobelelena ngolwazi, amafilimu, imibukiso yemisebenzi yezandla nakho konke okuhambisana nokuloba,” kuchaza uSingh.
Kuhlelwe ukuthi indumezulu yombukiso wezokucikoza ka-2023, ibe ngo-Agasti 9-13, kanti ixhaswe ngamaphephandaba angaphansi kwe-Independent Media KwaZulu-Natal, okuyiSolezwe neSunday Tribune.
Ephawula ngombukiso wezincwadi umhleli weSolezwe uNksz Kiki Ntuli ubeke kanje:“Sikuthakasela kakhulu ukuba yingxenye yomcimbi omqoka kangaka. Muva nje, siqale ingosi yokuhlaziya izincwadi, nalapho sibuye sixoxisane nababhali bezincwadi ezishicilelwe ngesiZulu. Ngakho simagange ngokuthi sihlangane futhi sixhumane nababhali ukuze siqhakambise umsebenzi omuhle abawenzayo.”
Uvumelelane naye uMnuz Sandile Mdadane, umhleli weSunday Tribune.
“SingabeSunday Tribune, kuyasijabulisa ukusebenzisana nabeDIBF 2023. Le ndumezulu yombukiso wesonto lonke ithembisa ukuthokozisa abathandi bezincwadi futhi silindele ukuthi batheleke ngezinkani ababhali, abashicileli, abagqugquzeli bemicimbi nabathandi bezincwadi abaphuma kuzona zonke izinkalo zaseNingizimu Afrika, nasemhlabeni. Usihlaba umxhwele umsebenzi owenziwa ngabeDurban Fair, emibukisweni yabo yezinyanga nezigcawu zababhali abanazo," kuphawula uMdadane.
Ukuhlelwa kweDurban International Book Fair, kuwumphumela wokuthi iTheku, wukuphela kwedolobha lase-Afrika, elihlonishwa yi-UNESCO njengeDolobha lezoBuciko, phakathi kwamadolobha awu-42, namazwekazi ayisithupha kanye namazwe awu-28.
Lo mbukiso uhlelwa yinhlangano engenzi nzuzo, iDurban Book Fair, eyasungulwa eminyakeni emihlanu edlule yizinhlangano zemiphakathi ngenhloso yokweseka idolobha.
Usihlalo wenhlangano uNksz Zandile Qono, udalule ukuthi kumele amadolobha alandele imigomo enqala ebekwe yi-UNESCO ukuze azuze ukuhlonishwa.
"Lokhu kuhlanganisa izinga lekhethelo, ubuningi nokushicilelwa kwezincwadi ezixubile edolobheni, izinhlelo zokufundisa ezigxile kwezokucikoza ezweni noma ngaphandle kwezwe emazingeni ehlukene ezikole kanye nokubaluleka kwezinkondlo," kuchaza uNksz Qono.