ABASHICILELI:UKZN Press
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
UKUZIGQAJA ngemvelaphi yomuntu kufana nembewu ethela ulwazi ngomlando womuntu ngamunye. Abantu abamnyama: lapo bevela kona, yincwadi ebhalwe nguMagema Fuze. Igxile emlandweni wabantu bamnyama nokuthi bavela kuphi. Yincwadi yokuqala ebhalwe ngesiZulu ngomlando wesizwe, ngumZulu.
UMapholoba wakhetha ukuba ngumKhristu esemncane, wasebenzisana nabezizwe engumhumushi futhi enguthisha, wathola ithuba lokuvumbulula umlando ojulile ngemvelaphi yabamnyama.
Ubhale incwadi ngemva kokucobelelana nabantu abanolwazi, okubalwa uMbhishobhi uColenso, uSobantu nabanye ayesebenzisana nabo. Ushicilelo lokuqala lwango-1922, luwumhlahlandlela wokucikoza ngolimi lwezigodi ngaleyo nkathi, yize incwadi isishicilelwe kaningana ngemva kwalokho.
Ihlukene ngezigaba ezimbalwa. Iqala ngesikhathi abamnyama betheleka e-Afrika eseningizimu, ukwahlukana kwezizwe, izimpi ezagubuzela uZulu, amakhosi nokubusa kwawo nokubumbeke kwesizwe sikaPhunga noMageba.
Echaza uFuze ngomsuka wokubhala incwadi ekhasini 1, uthi njalo bekuthi uma ebuza ukuthi abamnyama bavela kuphi impendulo ibithi; "ESuez Canal, .... ngaseNgosini yolwandle. Kwathi ukuphuma kwabo kuleyo nsonge, bahlakazeka nezwe lonke, bagudla ulwandle baya ngasentshonalanga nangaseningizimu kwalo. Laba abaphuma baqonda ngasentshonalanga kuthiwa ngabaNtungwa, abaphuma balubangisa ngaseninigizimu kuthiwa ngabaNguni."
Ulimi olusetshenzisiwe luhambisana nenkathi yawo-1800, ukupelwa nokuphinyiselwa kwamabizo, kwakungakashintshi. Kwasihloko sencwadi Abantu abamnyama: lapa bavela ngakona, sihambisana nokupelwa kwamagama ngaleyo nkathi.
Inezigemegeme zokubusa kwamakhosi, kusukela eSilweni uSenzangakhona, ukuzalwa nokubusa kweLembe eleqa amanye ngokukhalipha, kuze kufike embusweni kaDinizulu nempi kaBhambatha. Igxile ekubunjweni kwezizwe zabaNguni, ukuqhwagwa komhlaba ngamaNgisi nezimpi.
Nginesiqiniseko sokuthi incwadi ingaba wumthombo ojulile uma ingasetshenziselwa ukuqopha ifilimu ngobukhosi bakwaZulu. Maningi amafilimu agxila enkosini uShaka kepha kusemqoka ukuthi singawashiyi ngaphandle amanye, anjengoDingane, Mpande, Cetshwayo noDinizulu.
Kuningi okuhlalukayo ngempilo yeSilo uDinizulu, ngesikhathi idingiselwa eSt Helena. Lokho kufakazelwa wukuthi uFuze wayekhona futhi okuningi kwenzeka phambi kwakhe.
Ifanele abathanda umlando nokwazi kabanzi ngezizwe zabaNguni. Okuhle wukuthi iyatholakala nangesiNgisi.