ABAHLELI : Franco Frescura noJoyce Myeza
ABASHICILELI: UKZN Press
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
KUVAMISILE ukuthi kube nzima ukuchaza uhlobo lwesakhiwo ngenxa yokuthi umkhakha wezokwakha usebenzisa amagama akhethekile. Ulwazi oluqukethwe yilesi sichazamazwi esibulimimbili lungakusiza ukuthi uqondisise amatemu kwezokwakha nemidwebo ehlukene yezindlu zakudala.
Injongo yencwadi wukuchaza amatemu asetshenziswayo kwezokwakha nokucacisa kabanzi ngomlando nomdwebo wesakhiwo.
Njengokuthi nje, indlu ewurawondi noma urondo ithandwa kakhulu ngabaseNingizimu Afrika kepha iyadlisa nakwezinye izizwe ngenxa yendlela eyakhiwe ngayo yaba yindingiliza futhi yafulelwa ngotshani. Lolu hlobo lwendlu lwaqala ukwakhiwa ngo-800CE.
Okungihlabe umxhwele wukusetshenziswa kwezilimi ezimbili, olwesiZulu nolwesiNgisi. Ukuxutshwa kwezilimi kunothisa ulwazi lomuntu ukuze aqondisise itemu futhi akhanyiseleke ngokusetshenziswa kwalo ngakolunye uhlangothi.
Yisichazamazwi esibulimimbili esingasiza izitshudeni nalabo abasemkhakheni wezokwakha.
ISIHLOKO SENCWADI: Inhlamvu yelanga
ABAHLELI : Mandla Maphumulo
ABASHICILELI: UKZN Press
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
YIQOQO lezindatshana ezimfishane, ezigxile ezindikimbeni ezehlukene. Inhlamvu Yelanga ididiyele izindatshana eziwu-20, ezibhalwe ngabalobi abasafufusa, zahlungwa kweziwu-103 yizingqungqulu zabahleli bolimi lwesiZulu.
Iqoqo liwumphumela womncintiswano owahlelwa yiNyuvesi yaKwaZulu-Natal, wokugqugquzela abasathuka isisinga ukuba babhale ngezihloko ezithinta impilo yanamhlanje nokunye. Izihloko zithinta abantu abasha, abesifazane kanti zikhona nezixwayisa ngezidakamizwa.