ISIHLOKO SENCWADI: Polygyny and gender: the gendered narratives of adults raised in polygynous families
UMHLELI: Zamambo V Mkhize
ABASHICILELI: UKZN Press
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
YIZIPHI izinselelo ezithwalwa yizingane ezizalwe, zakhula esithenjini? Wumbuzo oqhakanjiswa ngumlobi lapho ecwaningisisa futhi ehluza ulwazi aluthola kubantu abahlukene abazalwe futhi nabakhule esithenjini.
Encwadini kaSolwazi Zamambo Mkhize, ethi Polygyny and gender: The gendered narratives of adults raised in polygynous families, kuhlaluka ukuthi umuntu ophikisa isithembu udlala ngesikhathi sakhe. Asiyi ndawo!
Indikimba yencwadi iphonsa inselelo ebantwini ukuba bacwaningisise kahle futhi baqondisise inhlese yokuziphatha kwengane ekhuliswe ngaphansi kwesithembu. Kukhona abasamukelayo, okuthi uma sebebadala baqhubeke babe nesithembu, uma kungabesilisa noma baganele esithenjini uma kungabesifazane. Kukhona abangasifuni, abadinwa yinzondo, yizingxabano, nemikhuba eyenziwa esithenjini.
Incwadi iwumphumela wocwaningo olwenziwe nguSolwazi Mkhize emphakathini waseHammarsdale, lapho exoxe nabantu abehlukene abangamaZulu ngezingqinamba ababhekana nazo.
Yize isithembu sithathwa njengento eyenziwa ngabantu e-Afrika, empeleni nezinye izizwe zinezinqubo ezihlukene zesithembu. Ekhasini 2, uSolwazi Mkhize wenza isibonelo ngenqubo yesithembu eqhutshwa eHimachal Pradesh, eHimalaya, lapho owesifazane enegunya lokugana amadoda amaningi ngenxa yokuthi bambalwa abantu besilisa kuleyo ndawo. Cishe abanye bayibona inganekwane emdlalweni wethelevishini iGenerations, ngesikhathi uKarabo efuna ukushada namadoda amabili.
Kepha eNingizimu Afrika, iyodwa inqubo yesithembu egunyaziwe, ngeyowesilisa enelungelo lokuganwa ngamakhosikazi angaphezu kweyodwa.
Usolwazi uchaza kabanzi ngomsuka wesithembu nezinhlobo ezihlukene zenqubo yaso, kepha okuseqhulwini wubulili. Uphawula nangendlela amasiko, inkolo, imikhuba nezinkolelo okuqhakambisa isithembu, okusetshenziwa ngayo ukucindezela abesifazane. Ngesinye isikhathi kuba nomthelela omubi ezinganeni.
Muva nje, sekuyimfashini ukushadela esithenjini futhi bakhona odadewethu abazikhethelayo, bengaphoqiwe futhi abazenyezi ngalokho.
Kusemqoka ukubheka izinhlangothi ezihlukene nezizathu ezenza abantu bakhethe isithembu, ngoba kuba nzima ezinganeni ezikhula ngaphansi kwemindeni exubile. UMkhize uxwayisa nangamagana okuqanjwa ngawo izingane, njengalawa: Bajahile, Bhekezakwabo, Dlabembalela, Khonabehleba, Muzowombango, Ndabakayisizi, Sandelani, Thukwase, Zehlihlati namanye.
Ekhasini 95, inkulumo kaZehlihlati ihumusheka kanje: "Igama lami langempela liyazichaza kepha angikholelwa ekutheni ibizo lomuntu liyinkomba yenyathuko yakhe empilweni. Yingakho kwathi sengimdala ngalishintsha ngokusemthethweni. ...Angazi ukuthi kungani ugogo angiqamba ngegama elinje. ........ Umama wathi ugogo wangiqamba igama ngoba wayejabhiswe wukuthi umama wami washada nobaba futhi wehluleka ukuzala ingane yomfana."
Kusinda kwehlela ezinganeni ezikhula ngaphansi kwesithembu!
Incwadi yembula ulwembu ngesithembu nemixhantela yakhona.