IMPELA kuhle komshanelo wenono, ake ngigiye ngiphindelela kulo ludaba lwelobolo ngoba sekuthanda ukuba mnyama sikhona. Izwe liyasha sibhekile ngenxa yokuncintisana ngokwempilo yanamuhla.
Okokuqala nje; udumo lwengane lungolwabazali bayo noma ngabe yenze kahle noma yonile. Yingakho uma yenze okuhle kuthiwa ukhamba lufuze imbiza kodwa uma idume kabi, kuthiwe abazali bayo abazalanga babola amathumbu.
Liyini kanti lona ilobolo? Liyisipho sabazali esivela kubo kwamkhwenyana ngenhloso yokwakha ubuhlobo.
Ngosuku lokuqala kusuke kuyocelwa isihlobo esihle, hhayi ukuyokhokha isikweletu. Kwezinye izindawo bathi bazocela ubhaqa noma bazokokhela isikhuni.
Endulo-ke, umlilo wawuphehlwa ngozwathi bese kuthi lowo osenekloza lomlilo okhelise abanye. Ngakho lo mqondo oqukethwe yile nkulumo yokuyocela, uqonde ukuthi into ezocelwa lapha ekhaya wukukhanya.
Yingakho uma sekuculwa kuthiwe “eNomathemba ntombi emhlophe”, hhayi ngoba kukhulunywa ngebala nokubukeka kwentombi, kusuke kuqondwe ukukhanya eza nakho egcekeni uma isiganile.
Endulo ngisho ezintathu izinkomo zazilobola, empeleni kwakuye kusetshenziswe ngisho izitshalo ezifana nethanga njengesipho.
Emuva kwezimpi eziningi, kwafika isikhathi lapho abantu bakithi bephoqeleka ukuba bashiye amanxuluma abo, bayotohoza esilungwini kanti impilo yasesilungwini ayilivumeli isiko ukuba liqhutshwe ngokwendlela yasekhaya.
Yingakho ubona sekunemixhantela yesilungu uma kuganiselwana. Phakathi konyaka u-1910 no-1911, kwashaywa umthetho owawubizwa ngesithabathaba. Lokhu kubandakanya uShepston, owagcina ebizwa ngoSomtsewu kaSonzica, okunguyena owakhuthaza indaba yezinkomo eziyishumi nanye, zajika-ke izinto, ilobolo laphenduka uhwebo.
Luyadingeka ucwaningo olunzulu ngalolu daba nengxoxo ende khona sizovumelana uma kuwukuthi sesidayiselana ngezingane zethu ngoba le nto yenzeka buthule.
Siyozivikela kanjani izingane zethu ekuhlukunyezweni ngamadoda uma sithengisa ngazo? Ngoba owesilisa uvele azibone esengumnikazi kowesifazane ngenxa yokuthi ukhokhiswe kakhulu.
Uma ilobolo liyisipho esivela kwabasemzini noma esokeni, pho kungani kuzosho abasekhweni ukuthi kumele libe ngakanani? Kambe ophiwayo uyakwazi yini ukuzigagulela ukuthi isipho kumele sibe ngakanani? Engabe sabuthathaphi lobu buqhogolo nokuqonelana size sithengise nangegazi ethu?
Uma umkhongi ezibala ngemibala izinkomo, usuke echaza lokho umkhwenyana anakho. Kuyadida nokho uma sekuze kuyovalelwana isikhathi eside sengathi kunendali. Kumele siyiqaphele indlala, ingasenzi sinqawuzane sodwa njengezilwane.
Kazi njengoba sihlala sikhala ngokuthi abelungu baxova izinto zethu, sizimisele yini ukushintsha ilobolo libe yizinkomo eziyisithupha noma kulukhuni ngoba kuzuza thina ngalo? Lokho kuyobe kuchaza ukuthi siyazikhethela esifuna ukusola ngakho abelungu ngakho bese siyeka lokho esizuzayo ngakho.
Sesiphenduke isizwe esingathembekile ngenxa yothando lwemali. Kuyihlazo ukuthi sikwazi ukuthengisa ngomnotho wethu ngenxa yenjabulo yesikhashana.
Isiko liwudondolo lapho sihefuzeliswa yingcindezi yezwe, liwumpheme wokukhosela nalapho sidindwa yimvula yabezizwe. Size singathengisi ngalo, lifana nesibuko senhliziyo ngoba imvelaphi iwuhlaka lomuzwa, siyobe sizembula izinqe ngokwethu.
ISiZulu sithi umkhwenyana yisihlahla esingapheli ukuxetshulwa. Lokhu kuchaza ukuthi njengoba kwakhiwa ubuhlobo, usezoba yindodana noma yingxenye yomndeni. Manje kungani ezobulawa kangaka?
Uma kunenkinga edinga imali ekhweni, uyokhululeka yini ukusiza njengoba akhishiswa eshisiwe imali le?
Ndlu ensundu, ake sizame ukubuyela eqinisweni. Ukuthengisa ngengane kulichilo ngoba ngeke ukwazi ukuyivikela nalapho isihlukunyezwa.
Kulokhu kuthiwa kuyabekezelwa emendweni kanti sebesaba ihlazo lokuthi badla izinkomo ngengane ize ife ifela into engayazi nezinkomo engazidlanga.
Lokhu nje kukodwa kuwukuhlukumeza umuntu. Sikhumbule njalo ukuthi uma kuzolotsholwa akusona isikweletu, kwakhiwa ubuhlobo futhi okubalulekile yinjabulo nokuthula emendweni.
Ngakho-ke mawungaxovwa umendo ngenxa yothando lwemali kubazali ngoba iba yisilonda le nto. Yize umkhwenyana engeke wakuphefumula lokho, ukubona ezenzweni. Bakwethu sesiwajivaze kwanele amasiko ethu, maluphele lolu dungunyana.