UCHAZWE njengesibani ebesikhanyisela wonke umhlaba, uMfundisi Mzwenkosi Ephraim Gcwensa (73), webandla lamaNazaretha oNyazilwezulu, enkonzweni yomngcwabo wakhe ebisemzini wakhe eMaphephetheni, eNdwedwe.
Izikhulumi ebezifakaza ngempilo yakhe, bezithi akekho obengafisi ukusondela eduze kwakhe ngendlela abenothando ngayo.
Omunye wabafundisi bamaNazaretha, uMfundisi Ntombela ohambe naye isikhathi eside, uthe ngisho umuntu obengakholwa ubefisa ukungcwatshwa wuMfundisi uGcwensa uma eshona.
“Ubengathandwa ebandleni lamaNazaretha kuphela kodwa nabangakholwa bebemthanda ngenxa yesihe abenaso ebantwini. Ngisho abaphuzayo ububezwa bethi uma sebeshonile bafisa ukungcwatshwa uyena. Mina ngishayeke kakhulu ngokuhamba kukaMfundisi Gcwensa ngoba bese sifana namawele. Sagcotshelwa ubufundisi sibancane naye sigcotshwa yiNkosi Ilanga. Ukube bengingahambi nezingane zami ngesikhathi ngithola umbiko wokuthi uMfundisi Gcwensa useshonile ngabe nami ngishonile. Ngihlulekile ukubekezela ngizwa lezi zindaba ngacishe ngawela emanzini. Mina bengijwayele ukuthola umbiko wokuthi akaphilile ngiye kombona sixoxe kubuye kudlule,” kusho uMfundisi Ntombela.
Uqhube wathi njengoba bekufihlwa uMfundisi Gcwensa, bengabafundisi babizwe yiNkosi uMduduzi Shembe uNyazilwezulu ngoLwesibili lubatshela ukuthi bonke abafundisi abaye emngcwabeni kaMfundisi Gcwensa kungabikhona mfundisi ozosala.
Obephethe uhlelo uMfundisi Madondo, uthe yena ukhuliswe wuMfundisi Gcwensa enkolweni futhi ubebukela kuyena. Uveze ukuthi ngisho nokushadisa waqeqeshwa uyena.
Umzukulu kaMfundisi Gcwensa, uLungisani Gcwensa uthe: “Njengoba uhambile mkhulu akube wukuthi usuke emehlweni ethu nje kuphela kodwa uhlale unathi usigadile,” usho kanje maqede wakhihla isililo.
Kuphinde kwafundwa nencwadi ebhalwe ngunkosikazi kaMfundisi Gcwensa, uMaSibiya ongunkosikazi wesithathu nokunguyena osaphila emakhosikazini akhe. Encwadini uMaSibiya uchaze indlela abebejabule ngayo ngezinsuku zokugcina eyobona umyeni wakhe esibhedlela.
“Kuthe uma ngifika ngabuza ukuthi uyangibona yini. Uvele wakhombisa injabulo wangibiza ngegama. Kungithokozisile lokho ukuthi uyangibona. Njengoba usungishiyile myeni wami ngicela ukhumbule ukuthi ungishiye ngimncane. Ngicela ungisingathe wenze isiqiniseko sokuthi ngiba wunkosikazi oqotho ukunakekela umndeni wakho,” kusho uMaSibiya.
UMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu kwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, ethula inkulumo kule nkonzo uthe: “ Njengoba inhloso yethu enkulu kungukwakha isizwe esibumbene esithuthukayo, simunye, ibandla lamaNazaretha lingumthombo wethu wogqozi ukufezekisa le nhloso,” usho kanje.
Kwabebehambele umngcwabo kaMfundisi Gcwensa singabala, ubuholi bukahulumeni okukhona kubona, uSotswebhu we-ANC ePhalamende uMnuz Mdumiseni Ntuli, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uDkt Zweli Mkhize, uMbhishobhi Vusi Dube nabanye.
Kulo mngcwabo bekugcwele kunyinyitheka kubonakala ukuthi bekungowomuntu onohlonze nobethandwa ngabantu.
Umfundisi Gcwensa ushiye emhlabeni abantwana abangu-11, abazukulu abangu-63 nabayisikhombisa abayisizukulwane sakhe nonkosikazi wakhe uMaSibiya. Wayezalwa nguMshumayeli M Gcwensa nomkhokheli uMaNgidi Gcwensa.