ISIHLOKO SENCWADI: Amagalelo
UMHLELI: Nakanjani Sibiya
ABASHICILELI:UKZN Press
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
IQOQO lezindatshana, izinkondlo nama-eseyi, liwumphumela womncintiswano owahlelelwa ukugqugquzela izitshudeni ukuba zibhale ngolimi lwebele nangesiNgisi.
Umncintiswano wawuhlelwe ngo-2012 ngokubambisana kophiko lweBhodi yeziLimi eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, nabashicileli bephephandaba i-Independent Media, ngaleso sikhathi yayibizwa nge-Independent Newspapers.
Amagalelo, yiqoqo lezindatshana ezimfishane, izinkondlo nama-eseyi futhi lixuba isiZulu nesiNgisi. Inhloso yokudidiyela ngezilimi ezehlukene, wukukhuthaza ubulimimbili nokuthi izitshudeni zizigqaje ngolimi lwazo.
Incwadi ingasiza abafuna ukuthuthukisa ulwazi lwabo ekufundeni isiZulu, nabathanda ukucikoza.
ISIHLOKO SENCWADI: A glossary of law terms
UMHLELI: Khulekani Zondi
ABASHICILELI: UKZN Press
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
KUKHONA amatemu okungelula ukuwaqondisisa uma ungajwayele ukuwasebenzisa. Lokho kwenzeka kakhulu emikhakheni ekhethekile njengowezempilo, owezomthetho, nowezesayensi. Kuvamisile ukuthi kube yinkinga uma sekumele uwahumushe ngoba ugcina usuhlanekezela inkulumo noma umbiko.
Yingakho incwadi A glossary of law terms, ibalulekile ngoba ichaza ngamabizo asetshenziswa kwezomthetho. Ihlomisa umfundi ngencazelo yebizo elisetshenziswa kwezomthetho futhi ifundisa ngomsuka nangendlela okufanele igama lipelwe ngayo.
I-A glossary of law terms, ishicilelwe ngezilimi ezimbili okuyisiZulu-nesiNgisi, ngenhloso yokunothisa nokuthuthukisa izilimi zendabuko yase-Afrika.
Wuhlobo olwehlukile lwencwadi ngoba inhloso ukucacisa nokuchazela umfundi ukuze aqondisise ibizo elithize, kayifani nezincwadi ezingamaqoqo aqukethe izindatshana noma izinkondlo.
Ingasiza izitshudeni ezifunda ngezomthetho, abahumushi bolimi lwesiZulu nesiNgisi, izintatheli nezingane ikakhulu ezifunda ezikoleni ezizimele.