EYEZINGOZI ezidla fumuka zidle silaza emgwaqeni eyakhele isifundazwe kufanele uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uyisukumele ngokushesha.
Izingozi azigcini ngokuvala imizi kodwa ziphinde ziphendule inqwaba yabantu izigoga, zishintshe nempilo ungunaphakade.
Abanye bagcina sebephila ngemali yesibonelelo ngenxa yokuthi itshe lisuke selome inhlama ekhaya ngoba umuntu engasakwazi ukuyosebenza.
Sithemba ukuthi ukukhala kwethu siwumphakathi ngeke kufane nokuthela amanzi emhlane wedada, uNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni, uNkk Peggy Nkonyeni uzosukuma azithathe kuliwe nokunciphisa izingozi.
Ukuhamba emgwaqeni akufanele kufane nokuthi usuzithengele ithikithi elikuyisa kwelamathongo.
Umthetho kufanele uqine bazi abashayeli ukuthi alufakwa, kubekwe izimpilo zabantu eqhulwini.
Abephula imithetho yemigwaqo okuyiyo ephilisa umnotho wesifundazwe kufanele bavalelwe, bazi ukuthi akuhlekwa.
Sasazi kungadlalelwa emigwaqeni yaseKZN. Abashayela umathanda babecetshwa, okwakuwumkhankaso wokunciphisa ukuchitheka kwegazi emgwaqeni ngenxa yezingozi.
Sekwashonaphi lokho? Abantu sebeyazenzela.
Amaphoyisa omgwaqo kufanele aphume ngezinkani enze umsebenzi awufungela ukuthi ayowenza.
Kufanele abasebenzisa umgwaqo mihla namalanga bazi ukuthi kufanele bashayele ngokucophelela bahloniphe abanye abashayeli.
Muva nje uMnyango wezokuThutha usanda kumemezela ukuthi kuN3 kushone abantu abangu-16 ngesikhathi kunqwabelana ndawonye izimoto okwakukhona neloli eMgungundlovu. Kungakapholi maseko kusabatshazwa eyenzeke eMgungundlovu, kubikwe ukuthi kuR66 ngaseShowe kushone abahlanu engozini ebimbandakanya itekisi nemoto.
Ngendlela ezenzeka ngayo izingozi kuyacaca ukuthi ngeke amakhamera asebenze ewodwa, kodwa kukhomba ukuthi namaphoyisa kuzomele abonakale zinkalo zonke.