ZICHONYWE uphaphe lwegwalagwala izitshudeni zaseDurban University of Technology (DUT) emncintiswaneni obheka ulwazi lokuqonda ulimu lwamaShayina nokwazi ngosikompilo lwawo.
Izitshudeni ezimbili, okungoSinegugu Nyaka no-Aphile Ngcobo, bezingenele umncintiswano obizwa nge-23rd Chinese Bridge Chinese Profience oba nezitshudeni eziwu-13 zamanyuvesi aseNingizimu Afrika. Phakathi kwamanyuvesi ayingxenye yalo mncintiswano kubalwa eyaseJohannesburg, Stellenbosch, Western Cape neyaseRhodes.
U-Aphile owenza izifundo ze-mechanical engineering ulale indawo yesine kulo mncintiswano kanti uSinegugu owenza eze-Language Practice uhlabe amajaji umxhwele.
UMnuz Frank Lin Wu oyiCo-Dean yophiko lweConfucius Institute eDUT, uthe lo mncintiswano ubunezigaba ezintathu okubalwa owokubhala isivivinyo, owenkulumo enendikimba ethile nesigaba sethalente.
Uthe izitshudeni bezihlolwa ukuthi ziyasazi yini isiShayina, ziyakwazi ukusisebenzisa endabeni noma uma zixoxa nokuthi ziyawaqonda yini amasiko amaShayina.
Zonke izitshudeni bekufanele zikhombise ukuthi zinamakhono adumile eShayina nokuthi ziyawathanda amasiko akhona.
“U-Aphile Ngcobo ujabulise abantu ngokucula ingoma ethi Thousands of Miles, a common dream (Wan Li Meng Tong Xin). Uye washayelwa izandla yibo bonke abantu ababesehholo. Ngesikhathi esenza umunxa wokuthula inkulumo, uye wakhuluma ngendlela ekhombisa ukuthi uyaluqonda ulimu echaza ngokusetshenziswa kobuchwepheshe baseChina kwezolimo. Ubuye wakhuluma ngesifiso sakhe sokuthuthukisa ulwazi lwakhe olwimini lwaseChina azolusebenzisela ukwakha ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika neChina,” kuchaza uLin Wu.
Bekukhona noNksz Mokgadi Tene, ophethe ezokusebenza eMnyangweni weMfundo ePhakeme obejabule ngalo mncintiswano weChinese Bridge.
Uthe okumjabulisayo wukubona uthando lwezitshudeni zaseNingizimu Afrika ezifuna ukufunda isiShayina nokuqonda amasiko aleliya lizwe.
Uthe uyathemba ukuthi intsha izosebenzisa ulwazi lwayo ukwakha ubuhlobo phakathi kweNingizimu Afrika neChina.
AbaseDUT baveze ukuthi bekungesikho okokuqala izitshudeni zalesi sikhungo zingenela iChinese Bridge ngoba ngonyaka odlule izitshudeni ezimbili oNonjabuliso Kunene noSinegugu Nyaka balala endaweni yesithathu ngokwazi kwabo isiChina.