UMCULI ongenise ngokuzwakala ezingomeni zabaculi abehlukene be-house nama-piano, ukholwa wukuthi ukwamukela ubizo lwakhe lwabaphansi kumnike indikimba yazogxila kukho emculweni wakhe kusuka manje.
UCnethemba Gonelo, wodumo lwengoma ethi Lingishonele, udidiyele i-albhamu ethi Itha Lami, ezophuma ngo-Agasti 7, ezohluba udlubu ekhasini ngokwamukela kwakhe ubungoma.
Engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto, uCnethemba uthe uqambe le albhamu ngokuthi Itha Lami (okuyisiXhosa, okusho ukukhanya ngesiZulu), ngoba ekholwa wukuthi ukwamukela abaphansi kube yisiqalo sokulunga kwezinto empilweni yakhe.
“Ngiqale ukwazi nokuqonda ukuthi nginabantu abadala ngo-2018, ngaze ngemukela futhi ngenza konke obekudingeka ngonyaka odlule. Yilapho engibone izinto zami zilunga khona. Le albhamu iyindlela yokwenaba ngendlela impilo yami eyiyona kuze kube yimanje,”’ kusho uCnethemba.
Kule albhamu, uCnethemba udidiyele izingoma eziwu-8. Usebenze kuyona noNontokozo Mkhize, Soa Mattrix, Frank Mabeat, Mali B-Flat, B33KaySA noDJ Deeraid afundele naye izifundo zomculo eCentral Johannesburg College ngo-2022.
“Sekuyisikhathi sokuthi abantu bezwe umculo wami njengoba iningi lingazela ezingomeni engipikwe kuzona, futhi kuzogqama ikhono lami lokubhala nokuxoxa indaba ngomculo,” usho kanje.
UCnethemba udabuka eKomani, e-Eastern Cape, wakhulela eGermiston, eGoli. Usesebenze namaciko esingabala kuwona i-Artwork Sounds, Murumba Pitch, Sipho Magudulela, Darque, Kelvin Momo noSir Trill, ukukha nje phezulu.