KULINDELEKE ukuthi uvulwe ngedili lomcimbi ozobe ubophele abaculi bowokholo umcimbi ozobanjwa okwesibili kulo nyaka i-Off Ramp Experience ezoba sePort Shepstone, emasontweni azayo.
Lo mcimbi uzoba senkundleni yezemidlalo Ugu Sports and Leisure, kusuka ngoJuni 23 kuya ku-29.
NgoJuni 23, ehholo iCivic Centre kuzoba nomcimbi ozobe ubophele abaculi okukhona kubo uThabile Myeni, Mpumi Mtsweni, Raymose Cube, Pastor Msimanga nabanye bendawo.
Ohlela umcimbi uSya Msomi uveze ukuthi bazobe bevula ngalo mcimbi ngoba uwuhlobo lomkhuleko kubo.
"Njengoba sekusele izinsuku ubanjwe umcimbi, sijabule ngesasasa abantu abalokhu belikhombisile ngawo futhi nabo bayasho ukuthi sebewulinde ngabomvu. Nathi njengabahleli bomcimbi sesibalindele, konke sekumi ngomumo futhi sibathembisa into abangakaze bayibone nabayoyikhumbula isikhathi eside. Senze lo mcimbi ophethe lonke uhlobo lomculo ukuze abanye abantu abathanda ukuba yingxenye yethu beze ezinsukwini ezehlukene,“ kuchaza uSya.
Uthe okunye abakujabulele ukwamukelwa umculi wekwaito uProfessor.
Uveze ukuthi abaculi asebedlondlobele nabancane abaqhamuka edolobheni abazohambela lo mcimbi benze konke ukuthi babe khona futhi bekungeke kube kuhle babavalele ngaphandle.
NgoJuni 27 kulo mcimbi kuzoba neGala Dinner in Comedy oGu Sports and Leisure Centre lapho kuzonandisa khona uMbuso Khoza, Felix Hlophe nabanye.
NgoJuni 28 kuzoyoqwalwa izintaba KwaXolo Caves bese kuthi ebusuku kube neBlock Party oGu Sports and Leisure Centre.
Umcimbi uzosongwa nge-Off Ramp Music Festival oGu Sports and Leisure Centre.
Amathikithi emicimbi ngokwahlukana aseqalile ukudayisa eTicketpro ngemali eqala kuR150.