UZOKHONJISWA kwiBET umcimbi wokuqhakambisa amaciko akhubazekile, iWe Can Arts Festival, oqoshwe ePlayhouse eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
Umcimbi, obekungokwesishiyagalombili usingathwa, ngonyaka odlule usakazwe kwiMzansi Magic Music njengoba usuzoba kwiBET (DStv channel 129).
Umhleli wawo uThabani Mazibuko, uthe basazothola usuku oluqondile lokuthi uzosakazwa nini kodwa kuzoba yinyanga ezayo ngoba yilapho kuqwashiswa khona ngamalungelo abantu abakhubazekile.
“Njengoba sesiwufaka kwiBET nje yingoba sifuna usakazwe izwe lonke nangaphandle kwaseNingizimu Afrika,” kusho uThabani.
Uthe inhloso yabo ngokuwenza yingoba bafuna ukuveza amakhono abantu abakhubazekile.
“Sifuna babonakale bengabantu abakwazi ukuzenzela izinto. Kusenabantu ababuka abakhubazekile njengabantu abadinga ukulekelelwa. Ngalo mcimbi sifuna kubonwe ukuthi bayakwazi ukuzenzela izinto futhi banamakhono. Asifuni kuphela ngokugcina emkhakheni wezobuciko kodwa nababamba iqhaza nakuyo yonke imikhakha yomnotho,” kuchaza uThabani.
Abantu bebephume ngobuningi ukuthamela umcimbi, uhlelo lwawo obeluphethwe nguNontobeko Mbuyazi.
Abanye babakhubazekile baculiswe nasebezakhele igama.
Abebenandisa bukhoma nebhendi kubalwa kubo uBabsy Mlangeni, Pinky 1st Lady, Sgwili, Chaos Machafuko noKhazozo. Basekwe nguPhuzekhemisi, Ernie Smith noNqubeko Mbatha.
UBig Zulu, okunguye ovale umcimbi, ucule waze waqhubeka sekushaye isikhathi sokuthi aqede. Uthe uyazi ukuthi wephula umthetho kodwa ucela ukushaya ingoma yakhe ethi Voicemail abengahlelile ukuyicula, kwalindwa onayo wayifaka kwajabula izethameli.