UFUNA ukukhuthaza umoya wobumbano nokubuyisa ithemba empilweni uNathi Mankayi okuzothi ngoJuni 22, ajabulise abalandeli bakhe ngedili lomculo eBotanic Gardens eThekwini.
Lo mculi owazakhela igama ngengoma ethi Nomvula, uzoqala uhambo lwakhe olwaziwa ngokuthi Silwa Nemimoya Picnic, nokulindeleke ukuthi ahambele amadolobha ahlukene kuleli.
Ekhuluma ngalolu hambo uNathi uthe ubone sekuyisona isikhathi sokuthi ahlangane nabantu bakuleli esebenzisa umculo wakhe.
Lolu hambo ulwenze ngokuhlanganyela nabahleli bomcimbi wabesifazane osuzakhele igama iDoek on Fleek.
“Ngikhethe ukuhlangana nabo ngenxa yomcimbi omuhle abawenzayo, nami engibone kukuhle ukuthi lolu hambo ngilwenze ngokubambisana nabo. Ngalo mcimbi ngifuna ukuhlanganisa abantu, sibuyise ithemba, ngishumayele izwi lokubekezelelana futhi ngibakhumbuze ukuthi ukuhlala sibumbene yikhona okuyosisa phambili njengesizwe,” kusho uNathi.
Uthe yize iDoek on Fleek, isizakhele igama ngokuhlanganisa abesifazane kodwa kulo mcimbi wakamuva umema wonke umuntu ofuna ukuba yingxenye yawo.
“Abazohambela umcimbi ngeke baze bazisole njengoba umculo kuyinto engikholelwa ukuthi yelapha izinto eziningi esibhekene nazo kulezi zinsuku. Ngeke nje abantu bahambe kulo mcimbi bejabule kodwa bayobe bevuselelekile emoyeni, ngakho uma sisuka eThekwini sizohambela amanye amadolobha okubalwa kuwo iGqeberha, Cape Town, Bloemfontein, Johannesburg nalapho ngizalwa khona eMthatha,” kuchaza uNathi.
Abanye abaculi athe bazobe behambisana naye kulolu hambo kubalwa uGatsheni, Naima Kay, Jumbo neqembu iThe Soil.
Amathikithi uthe aseyatholakala eComputicket kusuka kuR150 kuya kuR250.