UMNDENI kaMbongeni Ngema (68), owazalwa eVerulam, eThekwini, ngo-1955, uthe ufe olwembiza ngokudlula kwakhe emhlabeni ngokuzuma.
Lokhu kuvezwe wumfowabo uNhlanhla Ngema enkulumweni abe nayo neSolezwe izolo.
UNhlanhla onguthunjana wakubo kaMbongeni nokunguye okhulumela umndeni, uveze ukuthi imiyalezo abayithola kubantu abahlukene yiyona ebathoba inhliziyo.
“Kubuhlungu kuyazwela okwenzekile nebesingakulindele. UMbongeni ubengumuntu wabantu, akekho obengakwazi lokho nokuze kwasa ngoLwesine sithola izingcingo ziqhamuka kubantu abahlukene abasemazweni ahlukene emhlabeni. Ngikhuluma nawe nje, amanye amalungu omndeni asendleleni abuya naye e-Eastern Cape njengoba kade eyolanda umzimba wakhe. Uzogcinwa eThekwini lapho kuze kube uyafihlwa kusona lesi sifundazwe,” kuchaza uNhlanhla.
Uthe bayohlale beziqhenya ngomsebenzi awenzele izwe nentsha ayisizile kusuka emculweni, ekulingiseni nasekubhaleni imidlalo.
“Siyaziqhenya kakhulu ngomsebenzi awenzele izwe, nathi nje singabakwabo siyasho ukuthi wenze omkhulu umsebenzi esizweni. Ngivukwa umunyu omkhulu kulesi sikhathi njengoba kwaba nguye owasithwala sishiywe abazali kudala, abafana ekhaya bese kuyimi naye kuphela, bese kuba udadewethu,” kuchaza yena.
Uthe njengomndeni bazohlangana babhunge ukuthi inkonzo yomngcwabo neyesikhumbuzo izoba ngaziphi izinsuku.
“Singumndeni sizohlangana sonke namhlanje (izolo) sikwazi ukuthatha isinqumo sokuthi izinkonzo ezihlukene zokumphelezela zizoba kuphi. Kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi uzofihlwa KwaZulu-Natal,” kuchaza yena.
Uthe emhlabeni ushiye unkosikazi wakhe uMaGumede, izingane ezimbili nabazukulu ababili.