ZIZOWUSHAYA maduze kumsakazi weVuma FM, uJacinta Ngobese osephumele obala ngokuthi ugane kwaZuma.
Exoxa neSolezwe, uJacinta uthe noma engeke aludalule usuku nendawo okwamanje ngenhloso yokuhlonipha umndeni wakwaZuma, kodwa umshado useduze.
Ngempelasonto kusabalale izithombe zalo msakazi embeswa abakwaZuma.
Uthe umcimbi ubukubo KwaMashu.
“Bekuwumembeso wami ngathenjiswa nomshado kwaZuma. Indlela engijabule ngayo, ngifisa nokudlulisa ukubonga kwabangithumelele izilokotho ngosuku lwami,” kusho uJacinta.
Lo msakazi osakaza uhlelo iCruze ngo-9 kuya ku-12 kwiVuma FM, phakathi nezinsuku, uthe okwamanje ucela ukungadaluli okuningi ngomshado wakhe.
“Kunezinhlelo zokuthi ngosuku lomshado sidalule konke ngohambo lwethu noNxamalala (uZuma) kuze kube yimanje. Kuyiqiniso ukuthi bonke ubudlelwano buyaba nezinkinga kodwa thina besilokhu siyibambile nje, uNxamalala wasigcina nesithembiso angethembisa sona sokuthi uzongithatha ngibe wunkosikazi wakhe,” kuqhuba yena.
Uthe ngenxa yokuhlonipha abasemzini akazoziveza izindaba zokuthi uZuma ungowakuphi nokuthi sebenesikhathi esingakanani bendawonye kodwa konke kuzokwaziwa ngelanga lomshado wabo. Akuvezile ukuthi noma uZuma engeyena owaseThekwini kodwa uhlala khona kuleli dolobha.
Ekhasini lakhe kwiFacebook, uJacinta ubonge umyeni wakhe, lapho ebhale khona kanje: “Angazi nokuthi ngiqale kuphi, engingakusho ukuthi ngiyabonga Nxamalala. Usigcinile isithembiso owasenza kusuka ngosuku lokuqala. Njengoba siqala lolu hambo ndawonye, ngithembisa ukukuthanda nokukuhlonipha, ngikunakekele ngiphinde ngithembeke kuwe kuze kube sekugcineni. Ngiyabonga ngesipho esiyisimanga ongiphe sona. Usathane akaphumelalanga ukuvimba lolu suku ukuthi lube yimpumelelo kodwa kugcine izwi loMdali. Ngiyabonga ngokungibonela okuhle Maphumephethe,”