UMLINGISI uDeli Malinga usekuqedile ukuqagela ngemva kokuqinisekisa ukuphela komdlalo Umkhokha: The Curse, Isolezwe elike labika ukuthi kusenokudideka ngokuqedwa kwawo.
UDeli ubhale ekhasini lakhe kwi-Facebook ebonga ukuxhaswa abalandeli bomdlalo selokhu waqala.
“Usuku lwethu lokugcina. Siyabonga bantu bakithi, nisithandile kulo mdlalo. Sinithanda ngothando luka-LOVE,” kubhala uDeli kwi-Facebook.
Kuma-video awafakile kubonakala umlingisi uGcina Nkosi olingisa indawo kaMaNzimande ebonga ithimba abesebenza nalo.
“Sisebenze kahle nani, noma bekufika izikhathi ezinzima kodwa besisebenza ngokuzikhandla ukuze sikhiqize umsebenzi. Kuningi ebesifundisana khona, nizithobile, nginifisela okuhle. Sibe nazo nezikhathi lapho besingezwani khona kodwa kukhona izindawo esizobonana kuzona kulo msebenzi wethu. Ngiyabonga kakhulu kubasebenzi. UNay Maps naye ukhulumile okusenhliziyweni yakhe nami kwaze kwangithinta,” kuchaza yena.
UDeli uvela ephethe uqwembe oluphathwa abaqondisi bemidlalo nolubhalwe ukuthi: “Hamba kahle Mam Deli”.
Uphinde wafaka enye i-video lapho edansa khona kudlala ingoma ethi Sekuphelile kaThabsie.
UMzansi Magic ekuqaleni wakubeka kwacaca ukuthi okwamanje ngeke uphawule ngokuthi uyaphela lo mdlalo noma cha njengoba kusekhona izingxoxo phakathi kwabo nenkampani ewuqophayo.
Kodwa Isolezwe lingakuqinisekisa ukuthi lo mdlalo uzofinyelela emaphethelweni ngoMashi ngonyaka ozayo futhi imidlalo ezovala isikhala soMkhokha neGqeberha isiqalile ilungiselela ukuqopha njengoba seyenziwe inhlolokhono eGoli naKwaZulu-Natal.