U-DJ Tira usephumele obala ngokuthi uthi yize naye esembangweni wengoma ehlukanisa unyaka kuKhozi FM nakuMhlobo Wenene kodwa uthi engathanda ukuthi kuwine iqembu lakhe iBig Nuz.
UTira uqokwe ngengoma yakhe ethi Sikilidi apike kuyo uGeneral C’mamane noDladla Mshunqisi. IBig Nuz ngakolonye uhlangothi, iqokwe ngeNgeke eyishaya noDJ Yamza.
“Siyafisa ukuthi ithathwe iBig Nuz kodwa abantu yibo abazokhuluma,” kusho uTira.
“Benze kahle (Big Nuz) ngokubuya, abantu kade bebalambele. Babuye bangaphoxa. Kungaba kuhle uma bewina futhi ngeke kube ngathi siyabapha ngoba basebenzile nengoma yabo iseyintsha. Kusekuningi kodwa okungenzeka, sizobona.”
Kuleli sonto, uTira umemezele ukuthi usengene ebhizinisini lokukhiqiza utshwala ngesikhathi ethula iBearings Cider. Uthe usebenza buthule bese eqhamuka nezinto esezivuthiwe.
“Okwamanje abazongisabalalisela abekho baningi kodwa kusuka ngoLwesihlanu, izotholakala ezitolo ezikhethekile. Izoba khona eMlaza, KwaMashu naseGoli. Njengosomabhizinisi uyazama ezinye izinto zingaphumeleli. Lena ngenye yezinto engizizamile zaphumelela. I-cider iyona nto engibona ingangifanela ngoba uyabheka ukuthi yini engasebenza. Baningi abenza ama-gin kodwa bancane abenza ama-cider. Mina ngibone ithuba.”
Ubuye waveza ukuthi zihamba kahle izinhlelo zemicimbi yakhe yokuhlukanisa unyaka. EMoses Mabhida Stadium, ePeople’s Park uzokwenza iFact Durban Rocks, kuthi eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, abe neGumba Fest.
“Okwamanje kuyathembisa konke ukuthi kuzohamba kahle.”
KwiGumba Fest kuzonandisa yena, uMakhadzi, Khuzani, Igcokama Elisha, K.O nabanye. Amathikithi aqala kuR200 eWebtickets.
KwiFact Durban Rocks khona kuzonandisa uK.O, Shimza, Khuzani, Makhadzi, Big NUZ, Jumbo, Thobekile, Amaroto nabanye. Amathikithi adayisa eTicketpro.