UMCULI wokholo uThinah Zungu uthi unina usaqhubeka nokudlala indima enkulu empumelelweni yakhe nokuyingakho enqume ukwenza ikhonsathi yokubungaza omama ePlayhouse, eThekwini ngoMeyi 11.
Ikhonsathi, iThinah Zungu Live in Concert: Mother’s Day Celebration, izobanjwa sekusele usuku kube wusuku lokubungazwa komama ngoMeyi 12 iMother’s Day.
Lo mculi uzoshiyelana inkundla nendodana yakhe uNdumiso neNUZ Voices of Joy.
“Ngaphandle kokungiletha emhlabeni, umama uyinsika yayo yonke into ngoba uyangithandazela, uwumama okhulekayo. Impumelelo yami incike kakhulu emthandazweni wakhe.
“Nonkosikazi wami uzobe ekhona emcimbini ngoba naye ungumama. Umama ubaluleke kakhulu ekungithandazeleni ngoba namanje usangifonela ngisho phakathi kwamabili athi asikhuleke ngoba ngihlale ngisemcabangweni wakhe,” kusho uThinah.
Uthe ikhonsathi yisipho somama lapho ezobe ebaqhululela khona izingoma zakhe abazithandayo.
“Umculo wami awugcini kuphela ngokuthandwa ngabantu abasha kodwa nomama bayawuthanda futhi ngifuna bazizwe bebalulekile.
“Yingakho ngingafakanga nabantu abaningi kuyimi nje ozocula amahora amabili ezingoma ezindala nezintsha,” kusho lo mculi osanda kukhipha i-albhamu ethi Indumiso Yasestezi.
Amathikithi omcimbi adayisa eWebtickets ngoR150 kanti umcimbi uqala ngo-6 ntambama.
Uveze ukuthi ngemuva kwalo mcimbi uzobe eselungiselela uhambo lwakhe lokuya e-United Kingdom lapho eyonandisa khona ekupheleni kukaJuni.
“Kunekhonsathi esiyocula kuyo noNdumiso nendlovukazi uRebecca Malope nabanye abaculi.
“Ngicabanga ukuthi sibahlanu esisuka kuleli. Uma ngibuya lapho ngizobe sengihlelela eminye imicimbi engifuna ukuyenza eGoli, Mpumalanga naseSwatini ngoba bayicelile,” kuchaza uThinah.