‘ABANTU bazothola ithuba lokungazi kangcono, baqonde nangokuphelele ukuthi uhlobo lwezinkondlo engizihayayo luhluke ngani kwelozakwethu, ikakhulukazi ngoba ngizonandisa ihora lonke esiteji.’
Isho kanje imbongi, uZamani ‘Mkhaya’ Mzobe, inxusa abantu ukuthi beze ngobuningi babo emcimbini wayo wezinkondlo, iZamani Mzobe One Man Show, ongoMgqibelo eBat Centre, eThekwini, ngo-1 ntambama.
UMkhaya (30), odabuka eNsuze kodwa osezinze eNanda, eZimangweni, uthe ubone sekuyisikhathi esifanele sokwenza lo mcimbi ukuze ethule imisebenzi yakhe yobunkondlo azakhele igama ngayo selokhu aqala ukubhala izinkondlo ngo-2011.
“Lo mcimbi uyindlela yokuzojabulela ibanga esengilihambile ngobuciko bomlomo, nokuthi kuwo ngizoba nethuba elanele lokuzihaya ngokukhululeka - ikakhulu ngoba zinde. Cishe zonke zinendawo yazo ezinhliziyweni zabathanda ubuciko bami,” kusho uMkhaya osephuma koSwatini naseMozambique ngezinkondlo.
Ngaphandle kwamanoni ezinkondlo azozihaya emcimbini, uzophelezelwa nangamanye amaciko okubalwa kuwo uScelo Mpungose, HloniphaniArt, Mbali Malimela, Mike Makhosini noSiyabonga Mpungose ozobe ephethe uhlelo. Amathikithi azotholakala emnyango ngoR150 noR250.