KUNZIMA emndenini womfana wasoKhalweni, eMid Illovo, osekuphele amasonto amabili untanta eduze kolwandle ulinde ukuthi ludedele isidumbu sendodana yawo eminze ngeledlule eBrighton Beach, eManzimtoti.
Umndeni kaPhiwokuhle Shandu (17), uthi kumanje awusabulali nobuthongo ngoba uvuka uyohlala olwandle zonke izinsuku ulinde isidumbu sendodana yawo.
Umfana ominzile kuthiwa ubeye kobhukuda olwandle nabangani bakhe ngesikhathi ethathwa yigagasi emva kokucela abangani bakhe ukuthi bamshuthe ividiyo esemanzini.
Udadewabo kaPhiwokuhle, uLondi Shandu, uthe akukho abangakwenzile bengumndeni ukuze kutholakale umfowabo.
“Umfowethu washona ehambe nabangani bakhe beyobhukuda olwandle. Bebeke baye olwandle kodwa kulokhu asazi kwenzekeni. Ngelanga amuke ngalo nolwandle, abangani bakhe bathi ucele ukuthi bamshuthe ividiyo esemanzini. Bathe ngesikhathi besamshutha kuvele kwaqhamuka igagasi elikhulu elivele lamthatha. Besamangazwe yilokho bambonile esentanta emanzini, kwasho ukuthi nabo bayasaba ukungena emanzini ngendlela okwenzeke ngayo. Bathe kuze kwaba khona ikhaladi elalibhukuda nalo ngalolo suku elizamile ukuyombamba. Lifike kuyena lacela ukuthi abambelele kulona kodwa amanzi abaxaka bobabili lagcina lumthathile ulwandle ngoba nalo ikhaladi bese liphelelwe amandla,” kusho uLondi.
Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe: “Uphiko lwamaphoyisa iSearch and Rescue yaseThekwini, ibizwe eBrighton Beach ngomhlaka 19 Novemba 2024, emva kokuthi kunowesilisa obenenkinga ebhukuda, waminza. Ukuthungatha lo wesilisa kuqale kuGarvies kuya ebhishi eMkomazi, nokuthathe izinsuku ezinhlanu. Kuze kwalethwa neDrone ne-helicopter nama-vessel, ukuthungatha ominzile kodwa wangatholakala. Kugcine kumisiwe ukuthungathwa kwakhe kuze kubakhona okusha okuvelayo ngaye,” usho kanje.
ULondi uthe iyaqala ukwenzeka lento emndenini wakhe. Uveze ukuthi okubuhlungu kakhulu, ukuthi kuke kwabakhona umtshuzi ozimele ongene emanzini ngenhloso yokubheka phansi emanzini wafica isidumbu abakholwa ukuthi esikamfowabo.
“Umtshuzi lo udlule simile eduze kolwandle wangena emanzini. Uma esebuya ubuze ukuthi silindeni. Simtshelile ukuthi kuminze umfowethu. Ube esesitshela ukuthi sikhona isidumbu asibonile phansi emanzini sowesilisa ogqoke isikhindi esibomvu wagunda nesiChicco, futhi ulimele ebusweni. Uthe sigaxele ematsheni kodwa akakwazi ukusikhipha ngoba kunemithetho elawula ukukhishwa kwabantu emanzini,”kuchaza yena.
Uthe njengoba behlala besolwandle baguduza yonke indawo kanti nemoto kamasipala ike ibalekelele ukubahambisa ezindaweni lapho ulwandle luhlala lukhafulela khona okusuke kumukile kodwa isidumbu sikamfowabo alukasidedeli njengoba bengasitholi.
UPhiwokuhle kuthiwa ungumagcino ezinganeni zakwabo eziyisikhombisa.