“UMA ungakhuluma ngoShaka Zulu manje, wonke umuntu angacabanga ngoHenry Cele. Wonke umuntu angaba nesithombe sikaHenry Cele. UShaka Zulu ukhonjiswe emhlabeni wonke jikelele ngaphezu kwamahlandla awu-100 kodwa uHenry Cele akakaze wathola ngisho isenti. Izingane zakhe azikaze zathola lutho, emuva kwamakinati awathola ngokulingisa kulo mdlalo.”
Usho kanje uNgqongqoshe wezemiDlalo, ezobuCiko namaSiko, uMnuz Gayton McKenzie, ngesikhathi ekhuluma phambi koMkhandlu wezifundazwe kuZwelonke.
UBlack Cat wadlula emhlabeni eseneminyaka ewu-58 ngoNovemba 2, 2007 ngenxa yokuguliswa yisifuba. UCele wayeshadelwe nguJenny Hollander futhi enendodana eyodwa uKhumbulani Cele. Waqala ukuduma ngeminyaka yo-1960 ngesikhathi esengunozinti weLamontville Golden Arrows. Kwathi ngo-1981 wacelwa ukuba ayokwenza inhlolokhono kaShaka Zulu emdlalweni weshashalazi. Nakuba ayesehlala eGlenmore eThekwini, kodwa washona esehlala kubo KwaMashu.
UMcKenzie uthe amaciko akuleli asadla imbuya ngothi ngoba awakwazi ukuzithengela imizi, izimoto nokunye. Uthe uhlela ukuba kube nendumezulu yomcimbi ozohlanganisa zonke izinhlobo zomculo wakuleli, okubalwa kuzo umbhaqanga, umaskandi nowesiBhunu. Eqhuba uthe inhlanzi izoshelwa ngamanzi kubaholi bomfelandawonye wezinhlangano zobuciko namasiko kuleli, iCultural and Creative Industries Federation of South Africa (CCIFSA).
UMcKenzie uthe uhulumeni udinga ukwazi ukuthi kwenzekeni ngezizumbulu zemali ebezikhokhelwa amaciko adla imbuya ngothi. Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi ikomiti lezobuciko lichithe izitatimende zeCCIFSA elizibeke phambi kwalo.
Ikomiti lifune ukwazi ukuthi uR12 million owakhokhelwa iCCIFSA wuMnyango wezobuCiko namaSiko wenziwani? UMcKenzie uthe akwamukelekile ukuthi okuhloswe ngayo ukutakula amaciko akuleli kodwa ibhubhudlwe bume ngabathize. Uthe iCCIFSA beyithola imali emnyangweni kuyo yonke iminyaka kodwa beyingakaze yabika.
“Yenzeni ngale mali? Kuyaqala ngqa ukuthi iCCIFSA ingatholi ngisho isenti futhi ayizothola ngisho indibilishi."
UMcKenzie uthe usejube uphenyo ukuze kuvele ukuthi kwenzekani ngayo yonke imali yeCCIFSA obekuhloswe ngayo ukutakula amaciko antulayo.
Uthe neNational Film and Video Foundation ngeke isale ngaphandle