UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo uzoqhubeka nokushicilela imiphumela yabafundi baka-matric emaphephandabeni ngonyaka ozayo.
Lokhu ukwenza phezu kokuba uhlaka i-Information Regulator, lwakhipha umyalelo wokuthi lo mnyango uyeke ukushicilela imiphumela emaphepheni ngoba akuhambisani nomthetho othinta ukugcinwa kolwazi lwabantu, i-Protection of Personal Information Act (POPIA).
Lolu hlaka lufuna ukuthi umnyango uqale uthole imvume yokuthi idedelwe le miphumela emaphepheni kubona bonke abafundi noma abazali babafundi abenza u-matric.
UNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, uthe bayaqhubeka njengokujwayelekile okungukushicilela imiphumela emaphepheni.
Uthe bakwenza lokhu ngoba kunesinqumo senkantolo, esaphoqa umnyango ukuthi uyishicilele.
I-AfriForum yaya enkantolo ifuna umnyango uqhubeke nokushicilela imiphumela emva kokuba umnyango wanquma ukuthi uyeke ukuyishicilela.
Le nhlangano yathi abafundi basuke bekude nezikole zabo, abanye basuke bengekho ngisho ezifundazweni zabo ngakho kubalulekile ukuthi imiphumela ishicilelwe.
“Sihlabela phambili nokushicilela imiphumela kuze kube kuguqulwa isinqumo senkantolo eyathi kumele siyishicilele. Asiqinisi amakhanda noma sidaza inkani ngokuyishicilela kodwa silandela umthetho wezwe,” kusho uNksz Gwarube.
Uthe uma inkantolo inquma ukuthi ingashicilelwa, bayolandela lowo myalelo.
Uveze ukuthi ukushicilelwa kwale miphumela akukhona ngoba behlose ukudalula imiphumela yabafundi.
“Asidedeli lonke ulwazi lwabafundi njengoba amagama abo singawakhiphi. Sikhipha kuphela izinombolo abebebhala ngazo.”
Uthe abafundi bayakwazi ukuthola imiphumela yabo noma bekuphi ngokuyishicilela.
“Baningi abasizakala ngalolu hlelo ngoba abanye abafundi basuke bengekho eduzane nalapho befunda khona. Lokhu kwenza kube lula ukuyithola noma bekuphi,” kuqhuba uNksz Gwarube.
UDkt Rufus Poliah obhekele izivivinyo emnyangweni, uthe bathole umbono wezomthetho mayelana nalolu daba lwemiphumela.
Uthe lo mbono uhambisane nabakhokhelwa kukhona ukuthi baqhubeke nokuyishicilela le miphumela.
“Abafundi abakude bayakwazi ukuyithola noma bekuphi. Akekho umuntu okwazi ukubona imiphumela yomunye noma seyishicileliwe,” kusho uPoliah.
Uthe baphoqwa ngumthetho ukuthi baqhubeke nokuyishicilela.
Kwenzeka lokhu nje, uMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe zihambe kahle izivivinyo kulesi sifundazwe.
Uthe sekubhekwe ohlelweni lokumakela u-matric okuqala ngeSonto.
“Akubanga nokuputshuka kwamaphepha noma izinto ezimbi ezenzekile. Siyajabula ukuthi lezi zivivinyo ziphothulwe ngaphandle kwezihibe,” kusho uHlomuka.