UKUQEDA iminyaka ewu-30 endimeni yezomculo, nokujabulisa abalandeli bakhe kumthoba inhliziyo uThandiswa Mazwai, oyivulandlela kwezomculo.
UThandiswa ukusho lokhu ngemuva kokumemezela izinsuku zokuhambela kwakhe amadolobha amakhulu akuleli. Ngokwezinhlelo zikaMazwai, yilapho ezokwethula izingoma ezintsha ezikwi-albhamu yakhe ezophuma emasontweni amabili azayo ethi, Sankofa.
Kulindeleke ukuthi i-albhamu kaThandiswa iphume ngoMeyi 10, kuthi ngoMeyi 11 ayethule ebalandelini bakhe eCarnival City, eGoli.
Uhambo lokujabulisa abalandeli bakhe uzoluqala ngoMeyi 31, ePlayhouse eThekwini, bese elusonga ngoJulayi 20, e-Artscape, eCape Town.
Kulolu hambo uthi ngeke ziasale ngaphandle izingoma aduma ngazo okubalwa ethi Zabalaza, eyenze kahle ngoba ineminyaka ewu-20 ikhona.
"Igama elithi Sankofa lisetshenziswa ezweni laseGhana, esizweni samaTwi, okuchaza ukubuyela emuva bese uyothatha okwasala ngemuva okusemqoka, okuhloniphayo nokudinga ukukuphilisa. Ukuhlala nginaleli gama emqondweni wami kungenze, ngawenza ngendlela ehlelekile lo msebenzi okule albhamu futhi sengikulindele ngabomvu ukuwethula ebantwini. Kimina, lona wunyaka weSankofa nokubungaza ingoma Izabalaza,” kuchaza uThandiswa.
Uqhube wathi i-albhamu uyiqophele emadolobheni ahlukene okubalwa iJohannesburg, Dakar, neNew York.
“Le albhamu ihlanganisa umculo onesigqi sakuqala sesiXhosa, ijazz nesigqi sasenhla ne-Afrika. Ezingomeni ezikhona ngisebenze nabantu okubalwa uMeshell Ndegeocello, Chris Bruce, Nduduzo Makhathini, Tendai Shoko nabanye.”
Unxuse abantu ukuthi bathole amathikithi njengoba esetholakala eComputicket naseWebtickets.