UYACHICHIMA yinjabulo umculi weGqom’ ngenxa yokuthola ithuba eliyingqayizivele lokuba yingxenye yomculo wefilimu yaseMelika.
UBusiswa Gqulu wodumo lwengoma ethi Banomoya, ungomunye wamaciko aqhakambisa ifulegi lakuleli emhlabeni ngoba ingoma yakhe idlala kwiBlack Panther 2: Wakanda Forever, enye yamafilimu athandwa kakhulu emazweni ahlukene.
Lefilimu yethulwe ngokusemthethweni ngoLwesine kuleli, naseMelika. Phakathi kwezingoma azwakala kuzo efilimini kubalwa ethi, Love and Loyalty ( Believe) nethi, Jele.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uthe uyakujabulela ukuba yingxenye yale phrojekthi akholwa ukuthi isezingeni elicokeme kakhulu.
“Kuyisibusiso esikhulu njengomculi waseMzansi Afrika, ukuba ngelinye lamaciko aqokelwe ukuba kule phrojekhthi enkulu kangaka. Lokhu kuchaza ukuthi izinkundla zokuxhumana zidlale indima enkulu ekutheni zisabalalise umsebenzi wethu ebalazweni. Siphinde sibonwe ngabantu abanzima kakhulu kulo mkhakha esikuwo,” kusho uBusiswa
Eqhuba uthe, ukholwa ukuthi nabaculi abasafufusa bazogqugquzeleka ukuthi basebenze ngokuzikhandla kukho konke abakwenzayo.
Phakathi kwabaculi abanezingoma ezidlala efilimini futhi ezididiyelwe kwi-albhamu, kubalwa ekaDBN Gogo, Kamo Mphela, Sino Msolo noYoung Stunna.
Echaza ngezinhlelo zakhe uBusiswa, uthe umatasa nesingili ethi: Asambe, ayiqopha ngaphansi kweMagesty Music ngokuhlanganyela noDJ Khao noKaybee weDbn Nyt.