UPHENDUKE ihlaya uyise wengane yokuqala kaNondumiso Simelane, ongudadewabo kaBabes Wodumo, ngemuva kokuthi ebuzwe yilo mculi ngesondlo sengane kadadewabo, athe akayondli.
Lo mculi wegqomu uphawule ekhasini likaBafana Siboniso Mavundla, efakwe yinkosikazi yakhe kwiFacebook, ababonakala ezithombeni bebambene sakujola.
Uyise wengane kaNondumiso Simelane, ubonakala ephendula inkosikazi yakhe ngombhalo, athe kuwo wantshontsha konke (unkosikazi) futhi uyamthanda kakhulu.
UBabes ube esebancoma maqede wabuza ngesondlo sengane.
Abantu abebephawula emuva kokubona inkulumo kaBabes, bebehleka, abanye bekhombisa ukushaqeka nokudumala ngenxa yalo mlisa oyilungu leqembu le-jazz, iSalt and Light.
Le nsizwa kuthiwa ishaya i-drum, ibuye isebenze emicimbini okusuke kunandisa kuyo uDumi Mkokstad, ngokusho kwemithombo yephephandaba.
Ethintwa uBongekile, uvele wahleka wathi kudala ahlukana noyise wengane yakhe.
Uthe yize engasathandani naye, kodwa akumphathi kahle ukungondli kwale nsizwa.
“Sekuneminyaka sahlukana futhi ngithandana nomunye umuntu. Konke kuhamba kahle ebudlelwaneni bami. Angazi ukuthi kungani engayinaki ingane. Uma ethandile ugcina ngokukhipha uR500, engingazi ukuthi usuke ethi ngizowenzani njengoba isimo sempilo sibiza kangaka. Ingane inakwa yimi ngedwa. Ngikhuluma nawe nje isizoqala isikole. Angimazi futhi nalo sisi athandana naye, ukuthi ungumuntu wesifazane onjani,” kusho uNondumiso.
Uthe ingane yabo isineminyaka emihlanu kodwa ayinabudlelwano noyise.
“Uma ungamazi ungaze uzitshele ukuthi uyayithanda ingane. UBabes ubembuza into yokubuzwa,” usho kanje.
Ethintwa uSboniso Mavundla, ucingo lwakhe belungangeni, lukhomba ukuthi luvaliwe. Nomyalezo athunyelwe wona akawuphendulanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.