BAZITHAKASELE abalandeli izindaba zokungena agxile kwezenkolo umlingisi wakuleli oselaxaze ubungoma. UThabiso Mokhethi owaduma kakhulu ngesikhathi edlala indawo kaSamuel kwiGenerations eminyakeni eyedlule.
Muva nje useqale ukwethula izinkulumo zenkolo ezakhayo eveza okuhle akwenzelwe wuNkulunkulu. Akagcinanga lapho uvezele nabantu ukuthi ukhethe ukuzibeka phansi izintambo kwezobungoma agxile okholweni.
"Ngikwazi ukuya esontweni okokuqala ngqa emuva kokuyeka ubungoma, ngingamxubi nalutho uNkulunkulu ngoba unganele. NgeSonto ngibe nesikhathi esimnandi esontweni, kube usuku olukhulu kimi," kusho uThabiso.
Abantu bazithakasele kakhulu lezi zindaba bazwakalisa nokumeseka ngesinqumo sakhe.
"Umusa kaNkulunkulu impela wenele wonke umuntu, ngiyambonga uNkulunkulu ngawe," kusho uF.goete.
"Kusho lukhulu lokhu kimi uzwakala njengewele lami likamoya. Kwenza umqondo nokuzalwa ngenyanga efanayo nawe," kusho uNkosinathi Khoza25.
"Siyabonga Thabiso ubusiseke," kusho uMs Nxumalo.
UThabiso yize eseneminyaka ayeka kwiGenerations kodwa amagalelo akhe kulomdlalo asazwakala njengoba iningi labantu lisamkhumbula ngawo lomdlalo.
Uyaqhubeka nokuziqopha amavideo ezintshumayelo eshumayela ngezwi likaNkulunkulu nokuyinto abantu abaningi ababukeka beyithakasela kakhulu kulezi zinsuku.