UTHEMBISA ukubuza imibuzo ezoshiya ababukeli bohlelo, iThe Mommy Club, nezimpendulo akade bezidinga uNtombi Ngcobo-Mzolo osekuvele ukuthi nguye ozophatha uhlelo lokugcina ngesonto elizayo.
Isiqephu sokuvala isizini yesibili yalolu hlelo, obelukade lukhonjiswa kwiShowmax, sizokhonjiswa ngoLwesibili kuso lesi siteshi.
UNtombi kulindeleke ukuthi abuze imibuzo ehlukene kwabesifazane abakade beyingxenye yohlelo, nokuvela ukuthi lwenze kahle uma kuziwa kubabukeli njengoba seluya emaphethelweni.
Ekhuluma ngokuthola ithuba elifana naleli, uNtombi uthe naye ungomunye wabalandeli balo futhi ukubona kuyithuba elihle emkhakheni akuwo ukuthi athole ithuba lokuhlala phansi nalaba besifazane abavezele abantu impilo yabo yangasese, nabanemibuzo ngezinye izinto abazibonile kubo.
“Laba besifazane, ngaphandle nje kokusishiya sibambe ongezansi ngezinto abasikhombise zona, bangomama. Nami-ke njengomama kuningi engikubonile kubo nengidinga izimpendulo kukho. Izingxabano abanazo bebodwa, izinkinga zemindeni yabo konke sizokuphendula kulezi ziqephu zokugcina esibheke kuzo. Kuningi okwenzekile kule sizini ngakho sizokuxoxa konke futhi abekho phakathi kwalaba besifazane njengoba behlukene phakathi ngezinkinga abanazo engizobatotosa. Bonke kumele baziphendulele,” kuchaza yena.
Uthe akunakile ezinhlelweni ezifana nalezi ukuthi ababukeli bohlelo bathatha umthwalo wonke bawunike umethuli nokuyinto azoyiqikelela naye.
“Kuningi ababukeli abasuke bekubeke emahlombe omethuli wohlelo ngakho nami ngiyathembisa ukuthi ngeke ngibaphoxe. Yonke imibuzo izophenduleka. Ngifuna nabesifazane abangomama, abazobe bebukele futhi ababhekene nezinkinga ezihlukene emindenini yabo, kube khona abakutholayo, basizakale,” kuchaza yena.
Lolu hlelo kulo nyaka lwethulwa uNtombi nje lusuka ezandleni zikaThembisa Mdoda-Nxumalo okunguye owaqala ukulwenza.