Ingwazi yakuleli ye-Afro Soul, uRingo Madlingozi, igonyuluka ngokwayenza yangabe isavalelisa ngengoma kuDkt Mbongeni Ngema enkonzweni yomngcwabo eyayiseNkosi Albert Luthuli ICC, eThekwini ngoLwesihlanu.
Ebuzwa yiSolezwe ukuthi kungani abizwa kaningi ngowayephathiswe uhlelo, uMandla KaNozulu kodwa wagcina engangenanga esiteji, uRingo uthe weza emngcwabeni kaNgema ngenhloso yokumhlonipha okokugcina kanye nomndeni wakhe kodwa kwabuye kwabhimba izinto.
“Ngangizele ukuzovalelisa. Mayelana nokunyamalala ngesikhathi ngibizwa, ngachaza konke kubahleli bohlelo lomngcwabo ngalolo suku. Ngathi uma kunesidingo sokuthi ngicule emuva kokuba kuqedwe izinkulumo, kumele kube ngaphambi kwezingqungqulu iBlack Mambazo.”
Uthe kwathi uma kungenzeki lokho, wacabanga ukuthi sekuzoba nebohlololo ukucula emuva kwaBafana BaseMnambithi. “Yilokho nje.”
Ebuzwa ukuthi akacikwanga yini yindaba yokuthi umngcwabo wawusuphenduke owe-ANC njengoba yena eyilungu le-EFF, uthe abantu bayathanda ukufaka ipolitiki ngisho nalapho ingangeni khona.
UMandla uthe yena akazi ngempela ukuthi yini eyenza uRingo wangabe esacula.
“Ngabe ngiqamba amanga. Angazi ngempela ukuthi kungani engezanga ngoba ngambiza nje kaningana. Okusijabulisayo ukuthi wayezimisele ngokuzophelezela uMadlokovu. Kuthina akunankinga ukuthi wagcina engakwazanga ukucula,” kushaya uMandla ngezinqamulelayo.
URingo kwakulindeleke ukuba ashiyelane inkundla nezinye izinkakha ezinjengoBlack Mose.
UNgema (68) udlule emhlabeni emuva kwengozi yemoto eyamehlela eLusikisiki, e-Eastern Cape ngoDisemba 27.