INSIZWA yaseMalukazi okuyiyona yodwa manje esimele isifundazwe iKwaZulu-Natal, ohlelweni lomculo ama-Idols SA, uNkosi King Teresa uveze ukuthi isifundazwe yisona esingamsiza ukuthi adle umhlanganiso kulolu hlelo.
UNkosi ungomunye wabahlanu abangene esigabeni seTop 5, kule sizini ka-19, okungeyokugcina.
Ekhuluma neSolezwe, ngemuva kokudlulela kulesi sigaba, uNkosi uveze ukuthi yize enekhono kodwa uyakholwa wukuthi isifundazwe singenza omkhulu umsebenzi ekutheni akhale emuke nesicoco.
“Ngijabule kakhulu ukufinyelela lapho esengikhona. Engikwaziyo wukuthi konke engikwenzayo angikwenzi ngedwa kodwa bakhona abalokhu bethembele kimi, ngokuhlala bengivotela isonto ngalinye.
Kodwa ekugcineni ngiyakholwa futhi ukuthi uma nje isifundazwe singangixhasa ngamandla amavoti abangawafaka, nawo angangibeka kude kakhulu,” kusho uNkosi.
Uthe abantu bambona kulolu hlelo nje abazi ukuthi usuka kuphi namaphupho akhe ahlukene ayewafisa kudala.
“Wukufezeka kwephupho leminyaka lokhu okwenzekile. Bengingaqali ukuba yingxenye yalolu hlelo njengoba ngangikulona ngesizini ka-17 futhi ngaphuma esigabeni esaziwa ngeTheatre Week.
Kuwumthwalo kakhulu ukuthi sibe lapha esesikhona sinoSena. Siyacela ukuthi abantu basivotele ngoba ayikho enye indlela esingafinyelela ngayo ekugcineni kwalolu hlelo futhi omunye wethu athathe isicoco sokugcina salo nyaka.
Siyanxusa ukuthi wonke umuntu athole ithuba avote,” kusho uNkosi.
Uthe uyalibonga ithuba nokusebenza kanzima kwethimba ebelihlanganisa uhlelo ngoba libenze bagqama, bakhombisa amathalente abo.
“Ithalente lethu liyadinga ukuthi lithuthukiswe, laziwe nangabanye abantu kuleli, ngakho lolu hlelo beluklama indima enkulu kwabaningi kithina, ikakhulu intsha,” kuchaza yena.
Kulolu hlelo uThabo kubukeka enogazi kwabaningi futhi amajaji asemcome kaningi okuhlanganisa nabathandi bohlelo.
Umrepha uCassper Nyovest umshayele ihlombe uThabo, wathi le nsizwa uma ike yanikwa umbobho yenza isiqiniseko sokuthi igila izimanga.