UNgizwenkosi Mchunu uthe akahlangani nepolitiki kodwa unendaba nempilo yabantu.
Ukusho lokhu ngemuva kokuhlangana noMengameli Cyril Ramaphosa ngempelasonto njengoba ebezoqhuba umkhankaso wokhetho KwaZulu-Natal.
“Izolo (esho ngoLwesihlanu) benginomhlangano, ngiyazizwa izinja zikhonkotha wu wu. Benginomhlangano nomengameli wezwe ophinde abe wumengameli we-ANC uCyril Ramaphosa. Benginomhlangano naye, angithi? Uphethe izwe angithi? Ungowe-ANC angithi? Manje kunani ke zingane zakwethu,” kusho uNgizwe, obuye aziwe njengomengameli wamabhinca.
Ubekhuluma emcimbini abewuhlelile, Imbizo Yamabhinca obusePeople’s Park, eThekwini, ngoMgqibelo.
Uthe babike zonke izinkinga kumengameli wathembisa ukubuya nezimpendulo maduze.
“Asinandaba nepolitiki sinendaba nempilo nokuya phambili, angithi?”
Uthe isimemezelo esikhulu abezosenza emcimbini wukuthi abantu abaphume bayovota bevotele iqembu abalithandayo.
Uthe yena uyinsizwa.
“Umlando wami niyawazi angithi? Ayisekho mina into entsha engisazophinde ngiyenze phakathi kwenu ngaphandle kokufa. Sengikhombisile ukuthi mina ngiyinsizwa ngiyalimela iqiniso. Kodwa uma nifuna ama ‘likes’ ningahamba nikhonkothe nikhonkothe ngoba nifuna ama ‘likes’ nabalandeli. Kodwa nilazi iqiniso ukuthi inkunzi yinye KwaZulu. UNgizwe uMlando wakwaMchunu.”
Uqhube wathi: “Ngo-2021 nagijima nangena ngaphansi kwamatafula nonke kuboshwa inkunzi yakwaDunusa uMsholozi, uGedleyihlekisa umengameli wakithi. Ngama ngedwa ngama phezu kwentaba. Nanikuphi nina? Naqhamuka senithwele amafriji nje.”
Kukhulunywe kakhulu ngomcimbi wakhe kusuka kuvela ukuthi uzoba khona nangemuva kwawo.
Bekuthiwe uzoqala ngo-9 ekuseni uphele ngo-4 ntambama nokuyinto engenzekanga. Kushaye o-11.30 ekuseni kusaphithizela abebewulungiselela ngamatende, isiteji nokunye.
Kuthe usuqala kwanandisa abaculi abahlukene okubalwa kubo uFalabo, Gadla, Sgwili, Limit nabanye. Uhlelo beluphethwe wuMashudula, Kiss Before nabanye.
U-4 ushaye wedlula umcimbi usaqhubeka laze layozilahla kunina. IPeople’s Park ivele yaba nkulu kakhulu kunezethameli. Ezinye zazo, obekuyizintombi ebezilethwe ngamabhasi.
USabelo Ngidi ubhale kuFacebook ukuthi: Ngizwe Mchunu ngiyethemba ubonile ukuthi awusiyo le nto ozibona ukuthi uyiyo. Zakhala.“
U-Ishmael Stix Khaeli uthe: “Kuthiwa loyo odume ngegama likaNgizwe Mchunu ogabisa ngokuthi abantu base-KZN bezwa ngaye kumbhedele kule mbizo yakhe ebisePeople’s Park. Idlozi lakhe livele lambuka nje lathi weeee!”