UKUQAPHELA nokuqonda ubuningi babantu abathanda into ekhuluma ngothando nangenkolo, kwenze kwaba lula ukuthola indlela azongenisa ngayo kubathandi bomculo uBrandon Dhludhlu.
UBrandon ungumculi we-house namapiano, wodumo lwengoma ethi Ungokhethiweyo nethi Ingelosi, ahlanyisa ngazo abantu ezindaweni asuke enandisa kuzona.
Lo mculi odabuka eBaberton, eMpumalanga, kodwa osezinze eGoli ngomculo, uveze ukuthi ngaphambi kokugxila kwi-house, ungene kwezomculo eshaya ngesigqi seRn’B, ebhala ngothando.
“Yilokho okwenze ngaqaphela ukuthi abantu bayazithanda izingoma ezikhuluma ngothando, okuthe sengishintsha isigqi ukuhambisana nesikhathi, ngaqhubeka ngagxila othandweni futhi ngicula ngoNkulunkulu ukugculisa abalandeli,” usho kanje.
Leli ciko lisanda kukhipha i-extended play (EP) ethi Songs I Wrote, edidiyele izingoma eziyisihlanu, oningi lazo ngelaziwa ngazo ziyisigqi se-house, lazenza zashaya ngesigqi esinensayo.
“Lo msebenzi ngisanda kuwukhipha ekuqaleni kwaJulayi ngenxa yokuthi bese kuyisikhathi eside abalandeli bomculo wami bengicela ukuzenza kabusha, zinense ngoba bechazwa yindlela ezizwakala ngayo uma bebona ngizicula bukhoma,” usho kanje.
Eqhuba, uBrandon oseke wazama inhlanhla kuma-Idols amahlandla amathathu, kusuka ngo-2018 kuya ku-2020, lapho alala khona isithathu, uthe ujabule ngendlela abantu abathakasela umculo wakhe ngayo, futhi yenza akhuthale.
“Isikhathi esiningi ngiba se-studio ngiqopha umculo ukubekelela isikhathi esizayo ukuze kube lula uma senginquma ukukhipha i-albhamu, nalapho sengiqhuba uchungechunge lwe-Songs I Wrote,”’ kusho uBrandon ogama lakhe lokuzalwa wuXolani Dhludhlu.