UNCONYWE ngabantu bakuleli ngendawo kaMqhele, ayilingisa kwisizini yesithathu emdlalweni i-The Wife, uWiseman Mncube othole le ndawo ngemuva kokungabuyi kukaBonko Khoza.
UWiseman bamshayele ihlombe ababukeli balo mdlalo oqale izolo kuShowmax, bathi le ndawo iyamfanela.
U-@KetuuuuMoichela uthe: “Ngokuyiqiniso, ngijabule ngoMqhele omusha.”
U-@RethabileMokg uthe: “UWiseman Mncube umlingisi onekhono eliyisimanga futhi bengazi ukuthi uzobenza ubulungiswa kule ndawo kaMqhele.”
Akugcinanga nje ukusho bona lokhu kodwa ngisho naye uBonko umbongele wathi wenze umsebenzi oncomekayo.
“Khuphuka Mncube! Khambule, Mzilankatha, Msuthu, Mncube onsundu ngezinyawo zakho, Wen'oyithath'iNkosi uyibek'enhlabelweni. Siyakubongela mfowethu,” kusho uBonko.
Ekhuluma neSolezwe, uWiseman uveze ukuthi ubethukile engazi ukuthi bazothini ababukeli balo mdlalo uma bembona elingisa le ndawo kaMqele.
“Bekungelula kodwa kuthe ngibona abantu bengincoma ngesikhathi kwethulwa lo mdlalo eGoli, kwathi dwe kancane. Kodwa angikhululekanga kakhulu ngoba abantu ebengifuna ukubona nakakhulu ukuthi bazothini yilaba abaqale ukubuka lo mdlalo izolo kodwa-ke manje ngijabule kakhulu.
“Lokhu kuyangikhombisa ukuthi ngiyaphi kulo mkhakha wokulingisa. Ngiyabonga kuwona wonke umuntu ongikhombise uthando kodwa nakakhulu ngibonga kozakwethu ebesisebenza nabo naye uMbalenhle (Hlomu), ngiyabonga ngokuthi sisebenze kahle,” kusho uWiseman.
Uthe bekumnandi ukuqopha kulo mdlalo futhi kube wuhambo angeke aze alulibale.
“Ukuqopha noMbalenhle, ngikujabulele kakhulu yize besazana enkundleni yokuxhumana i-Instagram besihlala sincomana umsebenzi wethu nje kuphela. Sibuye sithembisane ukuthi sohlangana ngelinye ilanga emidlalweni yakuleli, nakho-ke uNkulunkulu ukwenze kwaba yimpumelelo, nokuthe uma kwenzeka kwaba lula yonke into,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ukusebenza nabalingisi “okungabafowabo” bakwaZulu kube lula khona ngoba ngabantu abajwayele ngaphandle komsebenzi.
“Bengiqala ukungena ezicathulweni zomunye umuntu kodwa ngazitshela ukuthi ngeke ngenze njengaye ngizokwenza ngendlela yami nami. Yize kwaba yinto engithusayo ukuthola le ndawo kaMqhele, bekungekho lula noba yafika ngesikhathi ngiqopha umdlalo Ushaka-Ilembe,” kuchaza yena.
Isizini yesithathu yalo mdlalo ineziqephu ezingu-60, nokuzongena ezintsha njalo ngoLwesine.