IMBONGI yezinkondlo zesiZulu, uNqobile Gcaba, ithe okubalulekile kuyo wukubhala nokuhaya izinkondlo ezinomyalezo kubantu, hhayi ukusebenzisa ubuciko ukuzakhela udumo ebantwini.
UNqobile (27) osibongo sakhe wuNombela, waseNgonyameni, ngaseMlaza, uwumbhali nomhayi wezinkondlo okhula ngamandla kule ndima.
Eminye yemisebenzi yakhe wake wayihaya emicimbini eminingi yobuciko esifundazweni enjengeKZN Poetry Fest, Poetry Sundowners, yiLove Potion nePoetry Africa.
Exoxa neSolezwe ngalo mkhakha akuwona, uthe indaba yakhe nobuciko ayiqali manje, waqala ukubhala esafunda uGrade 9, esabhala izindatshana ngaphambi kokugxila ezinkondlweni aseziwa ngazo manje.
“Izinkondlo ngiqale ukuzihaya ngo-2014 sengiqale ukuhambela izigcawu zokukhulisana ngalo mkhakha eMlaza, ngangabe ngisabheka emuva ngoba ngangibona abantu bewuthakasela umsebenzi wami.
“Izinkondlo zami eziningi zikhuluma ngothando nangezinto ezibhekana nabantu emphakathini, kanti okumqoka kimi wukwenza umsebenzi - angenzeli udumo nokuthandwa ngabantu ngalokho,” kuchaza uNqobile.
Le ntokazi ekhule ikhuthazwa yimisebenzi yozakwabo oGubhela noZamoh Cofi, ithembise abantu ukulindela okukhulu kuyona njengoba ihlela ukushicilela umsebenzi wayo utholakale ezincwadini kungekudala.
“Ngaphandle kwalokho, ngihlela ukwenza umcimbi waminyaka yonke lapho ngizobe ngihlanganise khona abesifazane abahaya izinkondlo,” kuphetha uNqobile.