INTUKUTHELO yabalandeli beKaizer Chiefs ecishe yaxova umdlalo wayo neMamelodi Sundowns weCarling Knockout ngoMgqibelo e-FNB, ingase iqhathe leli qembu laseNaturena nolaka lwePremier Soccer League (PSL) njengoba kungase kuvuke isigwebo sangenyanga edlule.
Ngenyanga edlule, umshushisi we-PSL, uZola Majvu, umemezele ukuthi iChiefs ilivumile icala lokuhluleka ukulawula abalandeli bayo ngesikhathi ishaywa yiSundowns ngo 2-1 koweligi ngoSeptember 28, e-FNB Stadium.
Lokhu kuholele ekutheni iChiefs ihlawuliswe, kwavuka nesinye isigwebo esasilengisiwe ngesizini edlule.
Ngokusho kukaMajavu, ngenyanga edlule iChiefs yalivuma icala yase ihlawuliswa isamba sika-R100 000 kodwa kwalengiswa u-R50 000 ngesivumelwano sokuthi ngeke itholakale ephutheni elifanayo kuze kuphele isizini ka-2024/2025.
“Lokhu kulahlwa icala kuyivusele u-R100 000 wangesizini edlule obulenga osekufanele iwukhokhe nalo-R50 000 womdlalo wango-Septhemba 28 okusho ukuthi isizokha u-R150 000,” kusho uMajavu ekhipha isigwebo.
NgoMgqibelo, esiwombeni sokuqala umdlalo uke wama imizuzu kulandela ukugasela enkundleni kwabalandeli abebedlubhe umfaniswano weChiefs.
Obekwenza bahluleke ukuziba intukuthelo, ukuthi iSundowns ibibamele ngenduku ngesikhathi esifanayo bengahambisani nezinqumo zikaLuxolo Badi, obephethe umdlalo.
Igoli elivule inkundla kube iphenathi edale ukuthi abalandeli beChiefs bajikijele enkundleni ngoba bengahambisani nokuthi uNjabulo Blom, udlalise kabi ebhokisini uLucas Ribeiro.
Lokhu kubhebhetheke kalula ngoba lo mdlalo ufika nje, isesemiqondweni yabaningi eyomdlalo weligi phakathi kweChiefs neSundowns enkundleni efanayo ngoSepthemba 28, lapho osekungumlando khona ukuthi iDowns yanqoba ngo 2-1.
Ngalelo langa abalandeli beChiefs babethi abamudle bamfele, uSikhumbuzo Gasa, owayephethe umdlalo bemsola ngokubancisha igoli lokulinganisa elashaywa u-Edson Castillo, umdlalo usuyophela.
Okwenzeke e-FNB Stadium ngoMgqibelo kufanele wukuthi kuzobakhona embikweni wabebephethe umdlalo okungaholela ekutheni ikomiti lePSL eliqondisa ubugwegwe liphinde liyisukumele indaba yeChiefs nokuhluleka kwayo ukulawula abalandeli bayo.
Kulokhu kungenzeka liphume nesigwebo esihlukile kunokushaya iChiefs iphakethe ngoba kubukeka kungenamthelela.