OWAZAKHELA udumo ngokuba ngumculi wekwaito omncane kunabo bonke eNingizimu Afrika, uMsawawa Dlamini (35), wenza iqophamlando ngempilo yakhe.
UMsawawa wangena emculweni eneminyaka eyisishiyagalombili, uthi ubone sekuyisikhathi sokuthi akhulume ngempilo yakhe ngoba kuningi asekwenzile.
Uthe ubengakaze azinike ithuba lokuthi aqoqe wonke umsebenzi wakhe asewenzile kusuka engena emculweni, kuze yimanje.
“Sesiqalile ukushutha idocumentary (iqophamlando) ekhuluma ngempilo yami. Kuyona kuzovela yonke into ngami kusuka ngisengumdansi eClermont, kuze kube ngiya eGoli, lapho engahlangana khona noMzambiya. NakuMzambiya ngaqala ngaba ngumdansi, abaningi bazokhumbula ngisaphuma esikhwameni kuze kube ngiqala ngiyazimela ngikhipha owami umculo,” kulandisa uMsawawa.
Uthe kuningi okuzovela kuleli qophamlando ngisho nalapho ayenandisa khona emicimbini emikhulu abanye abantu abangakwazanga ukuyibona.
“Kukhona amavidiyo ayeshuthwa ngabantu abehlukene esiwaqoqayo kumanje. Kuwona kuvela lapho ngangicula kwiJam Ally, Selimathunzi, Magic Tour nalapho ngangithatha izindondo ngoba ngake ngawina iBest Newcomer neBest Song kumaMetro Awards. Nabantu engasebenzisana nabo bazovela. Ngingabala abantu abanjengoBrenda Fassie, Zola Dlamini, Nimrod Nkosi, Oscar Mlangeni, Eugene Mpulo owaziwa ngo-Alcapoem engisebenza naye manje ukuyihlanganisa. U-Alcapoem nguyena owaphrojusa nengoma yami iDlala Baby,” kuchaza uMsawawa
Uqhube wathi kuzovela ekhula kuze kube kufika ekwakheni kwakhe iMsawawa’s Corner eClermont, nomcimbi waminyaka yonke okuwukhisimuzi wezingane awenzela ngakubo. Noma ebambisene nezinye izinkampani ukuqopha leli qophamlando kodwa uthe nenkampani yakhe iMsawawa’s Music Production, iyingxenye yokuqopha.
UMsawawa wazakhela udumo ngamanoni iBowungakanani, Dlala Baby, Sgidi, Umuntu Omnyama, Bhibo, Imamba neBig & Small ayepike kuyona uTsekeleke.