NGEMUVA kokuthola izeluleko ngesikhathi ehlaselwe ukhwantalala uMiss Pru, unqume ukushiya inkampani abeqopha ngaphansi kwayo, obese kuphele iminyaka eyisikhombisa ekuyo.
UDJ obebukeka njengomunye wezintandokazi kwi-Ambitious Entertainment, unameke isitatimende ezinkundleni zokuxhumana kuleli sonto, edalula ukuthi useshiyile inkampani.
Kuzokhumbuleka ukuthi nonyaka uDJ uke wanameka umyalezo kwiTwitter eqhakambisa ukubaluleka kokuzinakekela ngokomqondo nangokomphemfumulo.
Ethintwa uMiss Pru, uthe akukho okubi okwenzeke phakathi kwakhe nenkampani abekuyo kodwa yisinqumo asithathe ngoba efuna ukukhula emkhakheni akuwo.
"Kukhona isikhathi esingesihle engizithole ngibhekene naso kulo nyaka. Ngibe sengithatha isinqumo sokuya ekhefini izinyanga eziyisithupha kusukela ngoJanuwari kuya kuJuni. Ngalesi sikhathi bengihamba abeluleki bezengqondo ngizama ukulungisa isimo ebengikuso. Kuthe uma ngiqeda ukuhamba abeluleki, ngathatha isinqumo sokuzimela," kusho uMiss Pru.
Eqhuba uthe, ube nesikhathi sokubuyisa umfutho nomdlandla azizwa esenawo njengoba kumanje umatasa nengoma yama-piano ayiqophe ngokuhlanganyela noNcesh, Nkatha, Beekay noTeddy.
"Izinkinga ebengibhekene nazo bezingahlangene nomsebenzi kodwa bezithinta impilo yami uqobo. Kuningi obekubheke eceleni obekudinga ukuthi ngibhekane nakho ngqo, ukuze ngikwazi ukudlula esimweni ebengikuso," kubeka uMiss Pru.
I-Ambitious Entertainment isishiywe ngabaculi abaningi abanohlonze. Iningi labo liphume kungekuhle ngenxa yombango wenkontileka abasuke beyisayine nayo.
UMiss Pru uthe imisebenzi abeqashelwa yona ibingaphansi kwenkampani kodwa ubekwazi ukwenza amaphrojekthi emcimbi obekuzuza yena kuwo.
"Angizange ngibe nencane inkinga ngesikhathi ngikhuluma nabaphathi be- Ambitious Entertainment, mayelana nemicimbi esengike ngayihlela. Yonke imali ebengiyenza kuyo ibiqondene nami. Yingakho ngithi mina angihlangabezana nankinga ngesikhathi ngisengaphansi kwenkampani," kucacisa uMiss Pru.