BABHEME bakholwa kwindumezulu yomcimbi wemizwilili yesifazane yakuleli, i10 South African Sopranos, ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini namhlanje. Izithameli zikhombise lokho ngokusukuma ngenhloso yokuthulela isigqoko le khonsathi.
Kwi-10 South African Sopranos bekuboshelwe abaculi abadume kuleli nasemazweni angaphandle, okungoPumeza Matshikiza, Sibongile Mngoma, Nozuko Teto, Khumbuzile Dlamini, Siphamandla Moyake, Pumza Mxinwa, Zolina Ngejane, Sasa N. Yende, Brenda Thulo noKhayakazi Madlala.
Umqondisi walo mcimbi bekunguMotlalepula Sethlako kanti bekubhidisa uBrian Msizi Mnyandu.
Lezi zintandokazi beziphelezelwa yiqembu labadlali bezimfijoli, iKZN Philharmonic Orchestra. USibongile, oseke wahlabana kumaStandard Bank Young Artist Music Awards nakumaFNB Vita Awards, uchaze abaningi esecula izingoma ezabhalwa nguSolwazi Mzilikazi Khumalo nezikaLinda Mbozi. Abantu abakholwanga bebona inhlanganisela yomculo kamaskandi neyomculo we-opera kanye nengxubevange yomculo we-classic nendlamu.
UPumeza ukhombisile ukuthi umculo we-opera akafuniseli ngawo njengoba awufundela waze wafinyelela nasezikhungweni sase-UK, iRoyal College of Music futhi wabuye wahlabana kwiVeronica Dunne International Singing Competition eDublin ngaphambi kokujoyina iStuttgart Opera.
Lo mcimbi, ophele izihlwele zisahalela impinda, bewumgubho wokubungaza abantu besifazane ngeqhaza abalibambe kwezobuciko.