Kubhimbe uhlelo umculi wekwaito ehluleka ukuvikela umuzi wakhe ukuba ungadliwa eNkantolo eNkulu yasePitoli.
U-Arthur Mafokate wasebenzisa inkampanai yakhe eyaziwa ngeSouth African Arts and Development Organisation (Saada) ukuthola uxhaso luka-R9.3 million lohlelo lokufukula abantu abasha.
Kwakulindeleke ukuba inkampani kaMafokate ilekelele abantu abasha abangasebenzi ezindaweni zasemakhaya ngamakhono ahlukekene ngebhizinisi lomculo, amavidiyo nezokusakaza.
Kule mali, uMafokate wasebenzisa kuphela u-R1.8 million ukuqhuba izinhlelo, wagojela u-R7.5 million. Kuthiwa le mali eyayisele wayisebenzisela ukuthenga indawo elala izivakashi, iLa villa Rosa eMidrand, eGauteng.
Konke lokhu kuvele ngesikhathi uphiko lweSpecial Investigating Unit (SIU) luqhuba uphenyo ngenkohlakalo eNational Lotteries Commission (NLC), okuyilapho okuvele khona ukuthi kunezigidi ezanikezwa inkampani kaMafokate.
NgoDisemba 2022 uphiko lwe-Asset Forfeiture Unit (AFU) lwaphumelela ngesikhathi lufaka isicelo enkantolo sokudla indawo yalo mculi ese-85 Carslwald Road, eMidrand.
Lo muzi ngokuthola kwabaseshi wawubhaliswe ngaphansi kwenkampani kaMafokate i999 Music. Ngokuqhubeka kophenyo uMafokate osekhiqize abaculi abafana noCici, Chomee, Kelly Khumalo, DJ AJ, Afrikan Roots, Ishmael noTeekay ngaphansi kwe-999, unikele enkantolo ezama ukunqanda ukudliwa kwendawo yakhe eyamukela izivakashi.
Enkantolo, uMafokate uveze ukuthi unelungelo lokuthola u-R7.5 million njengoba ibhizinisi lakhe lawenza umsebenz njengokudingwa yi-NLC futhi akazange enze cala.
I-NPA ikuphikisile lokhu ngokuthi nakuba kukhona umsebenzi owenziwa ungaphezu kuka-R1.8 million. Imali esele yasetshenziselwa ukuthenga indlu yezivakashi, okwakungeyona inhloso yokwabiwa kwezibonelelo. Imali eyasetshenziswa ukuthenga indlu yezivakashi yebiwa kwi-NLC njengoba ingazange isetshenziselwe iphrojekthi eyabelwe.
Inkantolo ivumelane ne-NPA ngokuthi imali eyasala ayisetshenziswanga ngendlela, okuyinto ephula imigomo nemibandela yesivumelwano phakathi kweSaada neNLC. Inkantolo iveze ukuthi iSaada bekufanele iyibuyisele emuva imali engazange isetshenziswe.
Inkantolo ithole ukuthi u-Arthur Mafokate uhlulekile ukunikeza incazelo ezwakalayo yokuthi wayezoyithenga kanjani indlu yezivakashi ngaphandle kwemali ayithola kwiNLC ngoba ama-akhawunti akhe ebhizinisi ayengenayo imali eyanele ukwenza lokho, ngaphambi kokuba kungene le mali yesibonelelo okwakufanele enze ngayo lolu hlelo.
Inkantolo isichithe nezindleko isicelo sakhe sokuba indlu yezivakashi ingabi yingxenye yempahla ezodliwa nguMbuso.