INTANDOKAZI yomculi we-Afro pop, uZahara, ithole abaphathi abasha futhi isanda kusayina kwiH.U.G.E Entertainment, ezolawula umsebenzi wakhe ohlangothini lobumenenja.
Le nkampani iphethwe ngumakedebona onguVusi Leeuw. Exoxa neSolezwe ngeSonto uZahara, uthe ubeshoda ngomuntu ozoba yimenenja.
“ Mina ngiyindlovukazi bengingamfuni umuntu ozovuma konke engikushoyo futhi bengifuna obahloniphayo abanye abantu. Ngikhumbulile ukuthi uVusi Leeuw, uyilowo muntu engimdingayo ngoba sengake ngasebenza naye. Uyama kulokho akholelwa kukona futhi yonke into ukutshela ngesizotha nenhlonipho. Kusuka manje nguyena oseyimenenja yami osekuzokhulunywa naye ngazo zonke izinto ezithinta ilebuli yami,” kusho uZahara.
UVusi Leeuw, uthe uyakujabulela ukusebenzisana noZahara.
“ Njengamanje uZahara unenkontileka yokuqopha nenkampani yaseMelika, iWarner Music Group, okuyiyona akhiphe ngaphansi kwayo i-albhamu yakhe entsha iNqabayami. Okwethu ukuqinisekisa ukuthi uthola nemisebenzi naphesheya kwezilwandle nokuvikela ilebuli yakhe enguZahara. Siyazi ukuthi uZahara ungumculi osezakhele igama, okwethu sekungukuqinisekisa ukuthi leli gama aselakhile liyathuthuka ngaphezu kwalokhu elithuthuke kona. Kuningi abantu abazokubona kushintsha ngoZahara njengoba esengaphansi kwenkampani yami,” kusho uVusi.
Maningi amaciko aseke aphathwa nguVusi Leeuw, futhi iningi lawo livelele emisebenzini yalo. Abaningi bazokhumbula ukuthi nguyena owakwazi ukuthuthukisa uBoty Thulo, kwezokungcebeleka njengoba esedume kangaka. Useke wasebenza neGcokama Elisha, HHP, Mandoza nabanye.