USALE ebalisa umculi waseBotswana, uVee Mampeezy, ngokuphuthwa yithuba lokuqopha umucu nesihlabani saseLesotho esidlule emhlabeni ngenxa yengozi yemoto esehlele eFree State ngoLwesithathu, uBokang "Malome Victor" Moleli.
UVee Mampeezy, odume kakhulu kuleli ngengoma yokholo ayicula noMakhadzi ethi Ukondelela, uthe uSphalaphala Saga Marothi wabahlanganisa ukuba baqophe ingoma noMalome Vector kodwa lokho kwagcina kungenzekanga yize uMalome Vector ayesevumile.
"Angazi kungani ngaphuza ukuyenza. Manje sewuhambile. Ulale ngokuthula. Sengathi uNkulunkulu angaduduza umndeni wakho, abangani nabalandeli bakho," kubhala uVee Mampeezy.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo eFree State, uMnuz Sipho Towa, ucashunwe kwiSABC News esiqinisekisa lesi sigameko.
Uthe imoto encane ebihamba umufi nozakwabo ishayisane nenkulu emgwaqweni owuthelawayeka uN1.
UTowa uthe umufi ubeqhamuka ngaseGauteng, elibhekise eBloemfontein. Uthe bebebahlanu emotweni, okubalwa noMalome Vector, kodwa kwafa ujuqu abathathu, kwathi ababili baphuthunyiswa esibhedlela kukubi.
Isolezwe lithole ukuthi umufi udlule emhlabeni noLizwi Lokuqula noPuleng Phoofolo.
Okunye okuvelile ukuthi la maciko avelelwe yilo mshophi elibangise ukuyoqopha i-video yengoma kaMalome Vector.
Lo mculi wazakhela udumo eNingizimu Afrika ngokubamba iqhaza engomeni kaMiss Pru, ayepike kuyo neqembu laseMnambithi iBlaq Diamond, eyayisihloko sithi Price To Pay.
Kwababhonge emswanini ngokufa kwaleli qhawe kubalwa nenkampani abeqopha kuyona, i-Ambitiouz Entertainment ekhiphe isitatimende ebesithi badabuke kakhulu ngalokhu.
Nenhlangano yezokusakaza yaseLesotho (LSBS) ithe indima yezomculo igqemeke udume lwengozi ngalo mculi obenekhono.
UDanya weBlaq Diamond noBabes Wodumo abasalanga ngaphandle kwabaduduzile.
UMalome Vector wazalelwa eLesotho kodwa uze eGoli ngo-2019 ngenhloso yokuthungatha amadlelo aluhlaza.
Umucu owamvulela indlela ngothi Karabo ngo-2020 ngaphambi kokuthathwa yinkampani eyavumbulula abaculi abanjengoSjava, eMtee noFifi Cooper.
UMalome Vector wazithola esesebenza nabaculi abanjengoWave Rhyder noCassper Nyovest.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ungakaphawuli umndeni kamufi ngezinhlelo zomngcwabo.