USENGCWATSHIWE umrepha wakuleli owabulawa ngesihluku ephuma endaweni yokudlela, iWish, emgaqweni uFlorida, eThekwini, emasontweni amabili adlule.
Indlela okwahlaselwa kwabulawa ngayo u-AKA ikhalise abantu abaningi, ikakhulukazi uma kulokhu kuvela amavideo abonisa ukusocongwa kwakhe.
Ukufa kwale nsizwa, ogama layo langempela nguKiernan Forbes, kuvule abaningi amehlo ngobudlelwane bakhe nomama wengane yakhe okuyiyona yodwa anayo, uDJ Zinhle.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwaba yindaba egudwini ukuhlukana kwabo ngezinsolo zokuthi lo mrepha waqonywa intokazi yakwaJiyane isazithwele. Iqonywa ngomunye usaziwayo obengumngani kaDJ Zinhle.
Abantu abaningi babezwelana nale ntokazi kodwa bayincoma kakhulu ngokungabi ngowesifazane olukhuni ngenhliziyo nosebenzisa ingane ukulwa izimpi zothando.
UZinhle waqinisekisa ukuthi indodakazi yabo, uKairo, iyamazi uyise futhi inobudlelwane obuqinile naye yize bengasathandani.
Njengoba kushone lo mrepha, ubebonakala enza konke okusemandleni ukweseka indodakazi yakhe nomndeni wakubo futhi enikeza nentombi ka-AKA, uNadia Nakai, uthando.
Le ntokazi ibhale enkundleni i-Instagram indlela ebuhlungu ngayo ngesehlo esehlele indodakazi yabo.
“Sigcina ukubonana wancoma indlela esibambisene ngayo ekukhuliseni indodakazi yethu. Sibuya kude futhi sadida nomphakathi imbala kodwa sasingenzeli wona noma thina kodwa senzela indodakazi yethu nokuhle okufanele yona.
Ube esenxusa uyise wengane ukuba ababheke futhi abanxusele uMdali ukuba abahole yena noBongani bakwazi ukukhulisa indodakazi yabo.
Abantu baphawule kanje ezinkundleni zokuxhumana:
Mahlengi Vayvo Ngcobo Satywa: “Yilento yenu yokukhetha amadoda ngaphezu kwezingane zenu eyenza ningaboni ukubaluleka kukaZinhle emalungiselweni okufihla u-AKA. Anibazi ubuhlungu bokubona ingane iphukile ngoba nizishiya nogogo niye kwamanye amadoda, zisale ziwusizi. UDJ Zinhle angahlukana noma nini nale ndoda yakhe kodwa akasoze ahlukana nokuba ngumama enganeni yakhe okuyofanele ahlezi eyiduduza impilo yayo yonke ngokushiywa uyise wayo kabuhlungu 😘💔😭.”
Nobuhle MaMgabadeli Dladla: “Ngeke ubuqondisise vele ubuhlungu bukaDJ uma ngabe usenobaba wengane okufanele uqale umthuke ngaphambi kokuba akhiphe imali, nakhona leyo mali ikhishwa kanye ngemuva kwezinyanga ezintathu futhi isuke iphelezelwa amagama alumelayo. Uma usenobaba wengane ogqoka ama-boxer short asefekile ezinqeni, ongayazi nokuthi ingane yakhe igqoka usize bani nkosi yami, awusoze wayazi le ebhekene noZinhle. Ubaba wengane osathi "ngizobona uma kuhlangana" ay lutho munu awuzuyazi lena ngakho-ke iyeke ingaphezu kwakho.”
Ntokozo Mtungwa: “Eyi kubuhlungu uma ungondlelwa ingane nobaba wayo engayitshengisi uthando ngoba ngeke ungakhali ingane yakho uma inobaba okade enjengo-AKA eyondla, eyitshengisa uthando futhi echitha nesikhathi nayo. Ngeke ungakhali ucabangele ingane yakho ukuthi isazozwa ubuhlungu bokungabi nobaba.”