IZIHLABANI zomculo wokholo ebezingamathe nolimu kangangoba zaze zakhipha i-albhamu eyayithi Ebeke Walunga UThixo ndawonye, uThinah Zungu noDumi Mkokstad, seziyinkukhu nempaka.
Yize kungaziwa ukuthi baqhathwa yini kodwa ukungazwani kwabo kuhlale obala emuva komdlalo wosaziwayo obuseTsakane Stadium eGoli ngesonto eledlule.
Ngesikhathi abantu abaningi bencoma uDumi Mkokstad ngokubhekana ngqo nomrepha uBig Zulu ngesikhathi kubangwa obekufanele badlale emzulwisaneni wamanqamu, uThina ubengagayelwe mphako eshiya angalazi kuMkokstad
UThinah ubhale kuFacebook ukuthi bekungafanele imidlalo imiswe ngoba nabo beyiqembu lokholo bebepikile kodwa badliwe.
Bathe abantu besamangazwe wubuxoki bukaDumi bashaqeka kwaphela nasozwanini uma uThinah esekhuluma bukhoma kuFacebook, ekhwela edilika kuzakwabo, uDumi.
Esaqala inkulumo yakhe ukuvezile ukuthi yena noDumi ababoni ngaso linye kodwa akazokubala okwasemculweni okwamanje. Uthe lokhu kudalwa wukuthi bobabili badala, banezingane, bashadelwe futhi banemizi.
Echaza ngokwenzeka emidlalweni, uThinah uqale ngokuhlaba uDumi ngokungalubhadi ejimini nokupika obhululu bakhe abangabaculi.
"Yebo, uDumi wakhethwa njengokaputeni, okuyinto esingenankinga nayo futhi siyayihlonipha. Ngicabanga ukuthi ngokukaDumi, angikufanele ukudlala ibhola."
Uthe okumenza asho njalo ukuthi wayememeza aze ashe izwi uma ibhola libanjwe wuDumi kodwa ancamele ukuba lize lithathwe onyaweni noma aliphasele omunye ibhola.
Uthe waze wathatha isinqumo sokushintsha uhlangothi lapho engaphaselwa khona ngoba wayebona ukuthi lento yakhe noDumi ijulile.
UThinah ubuye waveza ukuthi kwenziwa uphawu lokuthi bakhishwe bona benoJumbo ukuze kungene obhululu bakaDumi ekubeni kunenqwaba yabaculi bokholo abanesiphiwo ebholeni.
Esephetha uThinah, uthe inkani kaDumi yafaka umculo wokholo ehlazweni ngoba kunezinto ezingalindelekile kumzalwane kodwa ongayilindela kwezinye izinhlobo zomculo.
Exoxa neSolezwe Ngempelasonto uDumi Mkokstad ngenkulumo kaThinah, uthe akazimisele ngokwanda ngamaningi ngayo ngoba izothela uThinah ngehlazo.
“Iphutha alenzile uThinah ukuthi usevele wayoyikhuluma kanje kuFacebook. Ngenhloso yokumvikela ngicela ukungaphawuli kakhulu ngayo. Kunezinto eziningi okungathi uma ngiziveza ngaye ... konakale, abe sehlazweni.
“Nginobufakazi bazo. Uma ngingabuveza kungashaqeka abaningi ngoThinah. Ngikhetha ukuthi ngingaphawuli ngale nkulumo yakhe ukuze ngimvikele. Bona benoJumbo bebecabanga ukuthi yimina obethatha isinqumo sokuthi badlale noma bangadlali, okungelona iqiniso.
“Sengikhulumile noJumbo ngamchazela ngokwenzeka futhi akanankinga. UThinah akafunanga ukubuza kumina wancama ukuyokhuluma kuFacebook, naye ubezolazi iqiniso,” kusho uDumi.
Ebuzwa ukuthi yini ebaqhathayo noThinah njengoba bebaziwa ukuthi bangamathe nolimu, uthe akukho angama ngakho athi kuyabaqhatha.
“Engingakusho nje ukuthi njengoba singakhulanga ngendlela efanayo, yikhona okwenza kube sengathi siyaphambana ngemibono. Ngeke ngithi ukuxabana kodwa ukuphambana kwemibono, nokuyinto evamisile ukwenzeka kuwona wonke umuntu,” usho kanje.
Uthe yize kwenzeke konke lokhu, kukhona elinye ithuba elivulekile lokudlala ibhola. Uthe namhlanje beyiGospel, Gqom noMaskandi bazobe bedlala neTS Galaxy eMbombela.